Usafisa ukulanywa obegcagca nenyanga
USAFISA ukulanywa yinoma abangaki owesifazane ogane esithenjini eNdwedwe, obegcagca ngosuku olulodwa nomnakwabo.
UNkk Thokozile Lushozi, uKaMakhoba (49), usehlale iminyaka engu-19 noMnuz Sabelo Lushozi (57) abegcagca naye izolo. Ugcagce nomnakwabo uNkk Khanyisile Lushozi, uMaKhumalo (43). UKaMakhoba othe wafika kwaLushozi eneminyaka engu-17, uthe wayevele efisa ukuthola umnakwabo ozomlekelela ngoba miningi imisebenzi emzini wakhe. ULushozi obeganwa izolo uyinyanga edumile eNdwedwe, aphinde abe nendawo yokusebenzela oThongathi.
“Ngijabulile ukuthi ekugcineni sengize ngangena ngokusemthethweni kwaLushozi ngoba kade ngalinda. Bekukuningi ubaba obekumele akulungise, kwabambezela nomshado. Ngajabula ubaba engitshela ukuthi sekukhona uMaKhumalo ngoba bengivele ngigqilazeka. Engingakuthandi ukufihlelwa uma sekukhona olandelayo. Namanje anginankinga ngisho ngingalanywa abangaki ngoba mningi umsebenzi layikhaya. Ubaba uyinyanga usebenza nabantu kakhulu, kudingeka sibuye sibasize, sipheke namakhambi,” kuchaza uKaMakhoba.
Uthe akaze abe nenkinga yokuhlala noMakhumalo, abapheka ekhishini elilodwa
naye. UMaKhumalo uthe wafika kwaLushozi esazi ukuthi uyoba ngowesibili. “Siphathene kahle noKaMakhoba kungathi udadewethu. Akukho esikwenza singabonisananga. Sihlukana ngoba sekuyolalwa. Umuntu unezinsuku zakhe zokuvakashelwa ubaba futhi asinankinga,” kusho uMaKhumalo.
ULushozi obehleka yedwa, uthe ubesalungisa izinto zasemsamo nezomndeni njengoba ebengakwazi ukugcagca. Uthe akaze aganwe phambilini, yingakho enqume ukuthi abashade ngosuku olulodwa ngoba vele bayezwana.
“Engikwenzayo ngikutshelwa ngabaphansi engisebenza ngabo, yibona nabangivumele ukuthi amakhosikazi ngiwashade ngosuku olulodwa. Bangibonisa la makhosikazi, yingakho sihleli ngokuthula,” kusho uLushozi.
Ebuzwa ngemfihlo yokwenza isithembu sakhe sizwane, uthe ukuthi wasinikwa abaphansi akazenzelanga. ULushozi uthe yize okwamanje emphethe kahle amakhosikazi akhe, ngeke aphike ukuthi ngeke esaganwa. Uthe ukhokho wayenamakhosikazi angu-19. Ugcizelele ukuthi akukho okwakwenziwa uKaMakhoba obekungamanelisi kodwa wathatha uMaKhumalo ngoba kuwumyalelo wabaphansi. Umphakathi ubuphume ngezinkani kule ndawo uzobuka umngcagco.