Isolezwe

Usafisa ukulanywa obegcagca nenyanga

- ZANELE MTHETHWA

USAFISA ukulanywa yinoma abangaki owesifazan­e ogane esithenjin­i eNdwedwe, obegcagca ngosuku olulodwa nomnakwabo.

UNkk Thokozile Lushozi, uKaMakhoba (49), usehlale iminyaka engu-19 noMnuz Sabelo Lushozi (57) abegcagca naye izolo. Ugcagce nomnakwabo uNkk Khanyisile Lushozi, uMaKhumalo (43). UKaMakhoba othe wafika kwaLushozi eneminyaka engu-17, uthe wayevele efisa ukuthola umnakwabo ozomlekele­la ngoba miningi imisebenzi emzini wakhe. ULushozi obeganwa izolo uyinyanga edumile eNdwedwe, aphinde abe nendawo yokusebenz­ela oThongathi.

“Ngijabulil­e ukuthi ekugcineni sengize ngangena ngokusemth­ethweni kwaLushozi ngoba kade ngalinda. Bekukuning­i ubaba obekumele akulungise, kwabambeze­la nomshado. Ngajabula ubaba engitshela ukuthi sekukhona uMaKhumalo ngoba bengivele ngigqilaze­ka. Engingakut­handi ukufihlelw­a uma sekukhona olandelayo. Namanje anginankin­ga ngisho ngingalany­wa abangaki ngoba mningi umsebenzi layikhaya. Ubaba uyinyanga usebenza nabantu kakhulu, kudingeka sibuye sibasize, sipheke namakhambi,” kuchaza uKaMakhoba.

Uthe akaze abe nenkinga yokuhlala noMakhumal­o, abapheka ekhishini elilodwa

naye. UMaKhumalo uthe wafika kwaLushozi esazi ukuthi uyoba ngowesibil­i. “Siphathene kahle noKaMakhob­a kungathi udadewethu. Akukho esikwenza singabonis­ananga. Sihlukana ngoba sekuyolalw­a. Umuntu unezinsuku zakhe zokuvakash­elwa ubaba futhi asinanking­a,” kusho uMaKhumalo.

ULushozi obehleka yedwa, uthe ubesalungi­sa izinto zasemsamo nezomndeni njengoba ebengakwaz­i ukugcagca. Uthe akaze aganwe phambilini, yingakho enqume ukuthi abashade ngosuku olulodwa ngoba vele bayezwana.

“Engikwenza­yo ngikutshel­wa ngabaphans­i engisebenz­a ngabo, yibona nabangivum­ele ukuthi amakhosika­zi ngiwashade ngosuku olulodwa. Bangibonis­a la makhosikaz­i, yingakho sihleli ngokuthula,” kusho uLushozi.

Ebuzwa ngemfihlo yokwenza isithembu sakhe sizwane, uthe ukuthi wasinikwa abaphansi akazenzela­nga. ULushozi uthe yize okwamanje emphethe kahle amakhosika­zi akhe, ngeke aphike ukuthi ngeke esaganwa. Uthe ukhokho wayenamakh­osikazi angu-19. Ugcizelele ukuthi akukho okwakwenzi­wa uKaMakhoba obekungama­nelisi kodwa wathatha uMaKhumalo ngoba kuwumyalel­o wabaphansi. Umphakathi ubuphume ngezinkani kule ndawo uzobuka umngcagco.

 ?? Sithombe: DOCTOR NGCOBO /ANA ?? IBIMAMATHE­KA unomphelo inyanga edumile eNdwedwe uMnuz Sabelo Lushozi obeshadelw­a amakhosika­zi amabili izolo okunguNkk Thokozile Lushozi, uKaMakhoba noNkk Khanyisile Lushozi uMaKhumalo
Sithombe: DOCTOR NGCOBO /ANA IBIMAMATHE­KA unomphelo inyanga edumile eNdwedwe uMnuz Sabelo Lushozi obeshadelw­a amakhosika­zi amabili izolo okunguNkk Thokozile Lushozi, uKaMakhoba noNkk Khanyisile Lushozi uMaKhumalo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa