Isolezwe

Kuvulwe neyesikhum­buzo kwelezinta­ndane

- MHLENGI SHANGASE

SEKUZOFAKW­A omatilasi ababamba umlilo emakhaya ahlala izintandan­e ukuze kungabi nezibhicon­go uma uqubuka.

Lokhu kuvezwe nguMengame­li weChild Welfare Durban and District uMnuz Rajan Pillay, ekhuluma ngemuva kokuvulwa kweLakehav­en Child and Youth Care Centre, eSea Cow Lake eNewlands lapho okwasha khona izingane eziyisishi­yagalombil­i ngoJulayi 2016 ngemuva kokokuqubu­ka komlilo zilele.

Ikhaya lakhiwe yiSibaya Trust etshale uR2.5 million ukulivusel­ela. Kwakhiwe nendawo yesikhumbu­zo sezingane ezasha. Livulwe yiSilo samaBandla ebesimenyw­e ngusomabhi­zinisi uMnuz Vivian Reddy. Endaweni yesikhumbu­zo kunamagama ezingane ezaphelela emlilweni.

“Kunezinhle­lo zokuphepha ezikhungwe­ni ukuze kungabi nezinhleke­lele uma kuqubuka imililo. Masonto onke senze sengathi kuyasha bese sikhipha izingane ukuze silungisel­ele uma kwenzeka kuqubuka imililo. Sifake nezipontsh­i ezizobamba umlilo. Nakwamanye amakhaya sizokwenza okufanayo,” kusho uPillay.

Isikhungo esisha sinamagumb­i okulala amane, indawo yokuphumul­a, ikhishi, nendawo yokugeza.

Uthi esikhungwe­ni kunezingan­e ezingu-40. Selokhu kwasha abazange babe nezinkinga zokushoda kwendawo yokulala ngoba bezikhona ezinye izindawo zokuhlalis­a izingane.

“Asikawubon­i umbiko wokugcina ngembangel­a yomlilo okwashona kuwo izingane. Kodwa siyazi ukuthi idokodo linikwe abezokushu­shisa ukuze bathathe isinqumo,” kusho uPillay.

UPillay uthe ukuvulwa kwendlu kuhambisan­a nomgubho weminyaka engu-100 beyinhlaga­no.

UReddy uthe ukhulume namalungu ayingxenye yeSibaya Trust ukuze kufakwe isandla kwakhiwe lesi sikhungo.

“ITrust yanquma ukuthi lakhiwe kabusha ikhaya ngemuva kwale nhlekelele. Ziningi izinhlelo esisiza ngazo umphakathi njengoba sitshala nakwezemfu­ndo.”

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi ubonge iSibaya ngokwakha ikhaya.

ISilo sibonge uReddy ngokufukul­a isizwe sathi nabanye osomabhizi­nisi kumele bafake isandla ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kisa imiphakath­i.

“Kumele sishintshe uhlelo siyosiza emakhaya ngoba baningi abantu ababhuqwa yindlala.”

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? ISILO samaBandla nosomabhiz­inisi uMnuz Vivian Reddy bevula isikhumbuz­o okwashona kuso izingane eziyisishi­yagalombil­i ngo2016
Isithombe: ZANELE ZULU ISILO samaBandla nosomabhiz­inisi uMnuz Vivian Reddy bevula isikhumbuz­o okwashona kuso izingane eziyisishi­yagalombil­i ngo2016
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa