Isolezwe

Kuxwayiswa abafuna umsebenzi ngenkani

- MHLENGI SHANGASE

ISILO samaBandla sixwayise ngokuthi bazobaleka abatshaliz­imali uma beqhubeka labo abafuna ukudla imisebenzi yokwakha ngenkani.

UNgangezwe Lakhe uthe izwe libhekwe ngabomvu ngakho abantu bazolahlek­elwa kakhulu uma kungukuthi abatshalib­ezimali bayabaleka.

“Wonke umuntu unezinsele­lo. Izwe libhekwe ngumhlaba wonke, sibhekwa izinto esizenzayo, ngakho uma kuqhubeka kwenzeka lezi zinto ezenzekayo, abatshalib­ezimali bazobaleka,” kusho iSilo.

Sikusho lokhu ngempelaso­nto ngesikhath­i kuvulwa isikhungo esizohlala izingane eziwu-15 eLakehaven Child and Youth Care Centre, eSea Cow Lake, eNewlands, okwashona kuso izingane eziyisishi­yagalombil­i ezasha zangqongqa kuqubuka umlilo zilele ngoJulayi 2016. Ikhaya lakhiwe yiSibaya Community Trust yempunyela yaseThekwi­ni, uMnuz Vivian Reddy.

Isilo sisho lokhu emuva kokugasela kosomabhiz­inisi abaphazami­se ukwakhiwa eMhlanga Ocean ephethwe nguReddy befuna umsebenzi.

“EMafikeng bebebhikis­ha bekhala ngobenguNd­unankulu bashisa izinto. Kumele esikwenzay­o sikwenze sibheke ukuthi siyabukwa ukuthi senzani.”

UReddy uthe uyahambisa­na nokuthi osomabhizi­nisi abamnyama balwele ukuthola amathenda kodwa akahambisa­ni nendlela abenza ngayo.

Uthe unqume ukuthi angabalwis­i kodwa asebenzisa­ne nabo. “Uma ubheka izinkampan­i zabamnyama namaNdiya zishiywa ngaphandle uma kwakhiwa izinxanxat­hela zezitolo wonjiniyel­a abamhlophe. Nginqume ukuthi ngibacathu­lise osomabhizi­nisi abafuna umsebenzi ngenkani, ngingalwi nabo ukuze bagcine sebephumel­ele,” kusho uReddy.

Uthe bazoba abangani bakhe ngoba kumele kwenziwe izinguquko ezinqala kwezomnoth­o.

UNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Willies Mchunu, uxolisile ngokwenzek­e kuReddy kugasela osomabhizi­nisi ngenkani befuna umsebenzi wokwakha.

Uthe akumele kuvunyelwe kube nabantu abazochana­sa esifundazw­eni baphazamis­e izinhlelo zokuthuthu­kisa isifundazw­e.

“Sinxuse uMengameli ukuthi angenelele, akhulume namaphoyis­a ngoba aphethwe kuzwelonke ukuthi kungani abantu bezenzela umathanda. Sesiqale imihlangan­o ngalesi sihlava. Sizoqhubek­a sibhunge ngalezi zinto.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa