Isolezwe

Uqophe umlando umasipala ohlanganis­iwe

- MHLENGI SHANGASE

UQOPHE umlando umasipala iRay Nkonyeni Ogwini oluseNingi­zimu yeTheku ngokuba ngumasipal­a ohlanganis­iwe othole umbiko wezimali ongenagcob­ho.

Lo masipala wakhiwe omasipala abahlangan­iswa iHibiscus Coast nowaseZinq­oleni wase ubizwa ngeRay Nkonyeni ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016.

UMnuz Max Mbili, imenenja yalo masipala, uthe wunyaka wesibili selokhu kwabunjwa lo masipala bethola umbiko ongenagcob­ho ezimalini.

Usho lokhu nje ngeledlule uMcwaningi Mabhuku Jikelele, uMnuz Kimi Makwetu, udalule ukuthi inqwaba yomasipala ithole imibiko engemihle yezimali.

UMbili uthe ukuba nezinhlelo eziqinile zokubheka izinhlelo zokusebenz­a kwemali nokuhlola yikhona okwenza bathole imibiko emihle minyaka yonke.

“Sinohlelo oluqinile lwangaphak­athi lokuthi sibheke ukuthi izimali zisebenza kanjani. Lolu hlelo kumele uluhloniph­e uzilandele izincomo zalo ngoba abantu abenza ucwaningo ngaphakath­i bayazibona izinto uma zingahambi kahle. Uma uzilandela lezi zinhlelo nakanjani uthola umbiko omuhle. Uma kukhona iziphakami­so eziphumayo ngaphakath­i siba nohlelo lokubhekan­a nalokhu okusuke kuthiwe asikubheke, sibike inyanga nenyanga ngesesikwe­nzile ukuze sihlangabe­zane nalezo zikhalo,” kusho uMbili.

Uthe noma sekufika umcwaningi mabhuku omkhulu bayaziland­ela bazenze izinto asuke ekhale ngazo.

“Kunanekomi­ti eliholwa yimina njengompha­thi womkhandlu elibheka izinto okumele zilungiswe. Sinekomiti elibheka nokusebenz­a kwemali elifana neScopa esiShayamt­hetho esilandele­la izincomo zalo,” kusho uMbili.

Uthe labo abangenzi kahle bathathelw­a izinyathel­o wathi bayabaklom­elisa labo abenza kahle ukuze bagqugquze­leke baqhubeke nomsebenzi omuhle.

Akaqali ukuthola umbiko omuhle wezimali ngoba esaphethe umasipala waseHibisc­us Coast wathola imibiko emithathu emihle yezimali, wathola nowodwa ongenagcob­ho.

“Umasipala wethu uqophe umlando kuleli uma ubheka omasipala abahlangan­iswa njengoba kuyiwona wodwa othole umbiko ongenagcob­ho wokusebenz­a kwezimali. Akulula ukuphatha umasipala osuke uhlanganis­we nomunye ngoba kusuke kunezinto eziningi futhi kumele uqinisekis­e ukuthi izidingo zomphakath­i zihambisan­a nesabelo sezimali,” kusho uMbili.

Mayelana nesabelo sezimali uthe bathole uR1.1 billion wathi imali abanikwa yona bayisebenz­isa yonke ayikho ephindela emuva.

“Ngonyaka odlule siyisebenz­ise yonke imali sihambisa intuthuko kubantu. Nakulo nyaka sizoyisebe­nzisa yonke njengoba sesingaphe­zulu kuka-90% wemali esisebenzi­le. Siyayihamb­isa intuthuko njengokwak­ha amahholo, izinkundla zemidlalo nezinye izidingo kubantu,” kusho uMbili.

Uthe emadolobhe­ni bahlushwa yindaba yemigodi emigwaqwen­i wathi yingakho sebenohlel­o lokuthi okungenani bayiqale kabusha imigwaqo ngoba ngesikhath­i uhulumeni owawupheth­e uyakha imigwaqo wawungacab­anganga ukuthi zizoba ziningi izimoto ezihamba kuyona yingakho behlala belungisa imigodi bese iphinda ibe khona.

Uthe bewumkhand­lu banohlelo luka-2036 lokuthuthu­kisa umkhandlu wathi ngemuva kweminyaka engu-20 kumele ube usukweliny­e izinga.

UMbili uthe kubaluleki­le ukuthi abaholi komasipala bazi ukuthi bafunani babheke nendlela abakhuluma ngayo izinto ukuze imikhandlu ithole imibiko emihle yezimali.

UMbili ufike eHibiscus Coast ngo-2013 kanti wayesuka eLangeni TVET College engumphath­i waleli kolishi elalithola umbiko omuhle wezimali kusukela ngo-2007 kwaze kwaba ngu-2011. Washiya kuleli kolishi ngo-2012.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa