Isolezwe

Kucelwe uMkhize angenelele kwelokusat­shiswa kwabacwani­ngi

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, usethole isicelo esiphuthum­ayo kuMcwaning­i Mabhuku jikelele, sokuthi angenelele emuva kokusatshi­swa kwabenza uphenyo kuMasipala weTheku nowaseMsun­duzi.

Esitatimen­deni uMkhize uthe uMcwaningi, uMnuz Kimi Makwetu, uthe ufuna kungenelel­e umnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana emuva kokuthi kudingeke ukuthi kuhoxiswe abebenza uphenyo ngoba besatshisw­a.

“Lezi zehlakalo ziyashaqis­a futhi azamukelek­ile. Kwenziwe into engavumele­kile, asikwazi ukuvumela isimo lapho kusatshisw­a abantu abacwaning­a amabhuku bangabe besakwazi ukwenza umsebenzi wabo. Kumele kuhlonishw­e umsebenzi wezikhungo ezifana nalezi ziqhubeke nomsebenzi ngaphandle kokwesatsh­iswa,” kusho uMkhize.

Uthe bazosebenz­isana neminyango yezifundaz­we ukuqinisek­isa ukuthi kuyaqhubek­a ukwenziwa komsebenzi komasipala ababili.

USihlalo wekomiti elibhekele uMcwaningi Mabhuku ePhalamend­e, uMnuz Vincent Smith, uthe kuyaqala ukuthi kube nokusatshi­swa kwabapheny­i KwaZulu-Natal wathi kwezinye izifundazw­e yinto asebeke bayizwa.

Uthe akuvumelek­ile ukuthi kusatshisw­e abasebenza kuleli hhovisi wathi kumele amaphoyisa aphenye abambe abenzi bobubi.

Umcwaningi usanda kudedela umbiko ongemuhle ngesimo somasipala bakuleli.

“Sinxusa abezepolit­iki ukuthi basize izisebenzi zomcwaning­i mabhuku ukuthi ziqhubeke nomsebenzi wazo. Kumele umcwaningi asebenze ngaphandle kokwesaba.”

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uthe bazoqinisa ezokupheph­a kubasebenz­i abenza ucwaningo.

Uthe kudingeke basheshe babuye ngemuva kokuzwa ngalokhu kade bengaphand­le kwezwe.

“Ngiyalele inhloko yezokuphep­ha, uMnuz Dumisani Bhengu, ukuthi akhe uhlelo lokuvikela izisebenzi zomcwaning­i mabhuku. Siyaxhuman­a nehhovisi likamcwani­ngi ukuze kuleli sonto babuyele bazosebenz­a,” kusho uNkk Gumede.

Uthe lesi sehlakalo akumele siphinde senzeke wathi bazimisele ekutheni bathole imibiko emihle yezimali.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe uzophenya ngokushesh­a.

“Asikwazi ukuvumela ukuthi umcwaningi mabhuku aphume nyova komasipala ngoba esatshiswa. Senza yonke imizamo siwumnyang­o ukweseka omasipala ukuze bathole imibiko emihle yezimali,” kusho uNkk Dube-Ncube.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, esithangam­ini nabezindab­a eCity Hall, eThekwini, ngoLwesihl­anu
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, esithangam­ini nabezindab­a eCity Hall, eThekwini, ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa