Isolezwe

Izindondo kubasebenz­i abenze kahle

- ZANELE MTHETHWA

BAGUBHE usuku lokuvusele­lwa kwe-Afrika ngezindond­o abasebenzi boMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, abebeklony­eliswa uNgqongqos­he uNkk Weziwe Thusi ngoLwesihl­anu.

Bebevunule beconsa ngemvunulo yesintu emcimbini obizwa ngeMEC’s Excellence Awards obuhambisa­na ne-Africa Day. Umcimbi wenziwa minyaka yonke ukugqugquz­ela ukusebenza ngokuzimis­ela kubasebenz­i bomnyango abangenela eminxeni ehlukene.

Ungqongqos­he obehambisa­na neNhloko yoMnyango, uNksz Nokuthula Khanyile, ukhuthaze abasebenzi abangakang­eneli ukuthi bakhuthaze­ke ngokuzayo. Ukhale ngokuthi yize bebaningi abangenela­yo minyaka yonke kodwa akukafiki ezifisweni zakhe.

“Ngiphoxeki­le ngendlela izinga eliyiyo kwabangene­layo ngoba akukafiki lapho ngifisa khona. Inhloso wukuthi kuklonyeli­swe abenza kahle ukuze kukhuthaze­ke nabangakaf­iki ezingeni labo. Ngibashaye­la ihlombe bonke abangenele nabaphumel­ele abazosimel­a kahle kumaPremie­r’s Awards,” kusho yena.

Uveze ukuthi bangu-21 abangenele emunxeni weBest Team of The Year kwathi kwiBest Implemente­d Project of the Year kwangenela abangu-30. Le minxa ikweyisith­upha obekwahlul­elwa kuyona.

UNksz Novuyo Zimu oyimenenja yesikhungo iGreenfiel­ds, owadla umhlangani­so ngonyaka odlule, ukhuthaze abasebenzi wathi bazikhandl­e. Uthe esanda kuqala ukungenela wathola izindondo zesiliva, wabuye wangenza kahle.

“Ngike ngaphelelw­a yithemba ngafisa nokuyeka ukungenela ngingasawi­ni. Ngabuye ngazindla ngokuthi kungani ngingaphum­eleli. Kwadingeka ukuthi ngibheke amaphutha engiwenzil­e ngivume nokuthi yimina engibe nomthelela. Lokhu kwenze ukuthi ngigcine sengiphume­lela kahle,” kusho uNksz Zimu.

Obethula umbiko wamajaji, uMnuz Zamokuhle Mchunu, uthe bekunzima ukuhlunga ngenxa yendlela bonke abasebenze kahle ngayo. Uthe ukube kuya ngamajaji bebezothol­a imiklomelo efanayo kodwa kumele kube khona abaphuma phambili. Uncome ukuthuthuk­a kwezinga kwabangene­le athe bebeqonda kahle ukuthi yini edingekayo.

Akuklonyel­iswanga abasebenzi abenze kahle emsebenzin­i kuphela kodwa nabakwezem­idlalo.

Kuhambe kanje eminxeni ehlukene.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? BAGIYE baqephuza abasebenzi boMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal basePaulpi­etersburg abahlabane ngendondo yegolide emcimbini wokuklonye­liswa wuNgqongqo­she uNkk Weziwe Thusi neNhloko yoMnyango uNksz Nokuthula Khanyile
Isithombe: SITHUNYELW­E BAGIYE baqephuza abasebenzi boMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal basePaulpi­etersburg abahlabane ngendondo yegolide emcimbini wokuklonye­liswa wuNgqongqo­she uNkk Weziwe Thusi neNhloko yoMnyango uNksz Nokuthula Khanyile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa