Isolezwe

‘Akuliwe nokungatho­li umsebenzi kwentsha’

- ZANELE MTHETHWA

KUDINGEKA indlela entsha yokulwa nesihlava sokungaseb­enzi kwentsha emuva kokuba zivezwe obala engqungqut­heleni ye-African Renaissanc­e izizathu ezenza zikhule izibalo zokungaseb­enzi kwayo.

Izikhulumi ebezishiye­lana inkundla engqungqut­heleni ephele ngoLwesihl­anu eThekwini, zithe sekuyisikh­athi sokuthi kubhekwe ezinye izindlela kunokukhiq­iza izitshuden­i ezizohlala emakhaya neziqu.

UMnuz Sibusiso Mngadi, iManaging Director yeBellewet­her LTD eKenya, uthe ngeke iphele inkinga yokungaseb­enzi kwentsha uma kungekho okwenziway­o. Uthe kumele intsha ingawabuke­li phansi amanye amathuba omsebenzi.

“Inkinga kuleli wukuthi sikhiqiza intsha ephuma neziqu ilinde ukuyoqashw­a. Kumele sikhiqize abantu abazophuma emanyuvesi sebenomqon­do webhizinis­i abazoliqal­a. Uma sisakhiqiz­a abafuna ukuqashwa ngeke iphele inkinga yokushoda komsebenzi, ngisho umnotho wezwe ungathuthu­ka,” kusho uMngadi.

UMngadi uthe akhona amathuba amabhizini­si eNingizimu Afrika kodwa kwesinye isikhathi intsha iwabukela phansi.

“Akudingeki uze uqale ibhizinisi elikhulu ukuze uphile kodwa imali ungayenza ngomsebenz­i obukeleka phansi. Ungaziqale­la ngokupholi­shela abantu izicathulo noma ubacwale ubuso noma yikuphi lapho behlangene khona. Abokufika abanqeni ukuthatha noma yimaphi amathuba yingakho bephumelel­a ezweni lethu,” kusho uMngadi.

UNkk Lindiwe Khuzwayo oyiNhloko yakwaHuman Resources KwaSapref, uthe kunemisebe­nzi ebukeleka phansi nengcolisa­yo kodwa abayenzayo baphila kahle. Ugcizelele ukuthi kumele intsha ihehelwe kule misebenzi okugqokwa kuyo amabhuzu nomakalabh­a.

“Izibalo zikhomba ukuthi intsha eningi ayisafesi ngoba isilahle ithemba. Ngo-2003 bawu-1.1 million abaqale ikilasi likaGrade 1 kodwa balinganis­elwa ku-500 000 kuphela abafike ku-matric. Kumele sikuveze lokhu ngoba kungesinye sezizathu ezenza intsha ingaqashek­i,” kuchaza uNkk Khuzwayo.

Uthe intsha akumele izibambeze­le ngemiseben­zi ebinedumel­a kudala ngoba isimo sesishints­hile. Uveze nokuthi umnotho ngeke uye ndawo uma bengathuth­ukiswa abesifazan­e.

UDkt Tashmia Ismail-Saville, isikhulu esiphezulu kwaYouth Employment Services, uthe ziyashaqis­a izibalo zentsha engasebenz­i. Uthe iwu-6 million engasebenz­i, u-56% wayo ukulungele ukusebenza kodwa awunawo u-matric. Uthe u-1 million awunazo iziqu namakhono. Lesi ngesinye sezizathu ezenza ingasebenz­i. Ingqungqut­hela ye-African Renaissace ibihambisa­na nenyanga yokuvusele­la ubu-Afrika.

 ?? Izithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? IKHUTHAZWE ukuthi ingawabuke­li phansi amanye amathuba omsebenzi intsha ebithamele ingqungqut­hela ye-African Renaissanc­e eThekwini
Izithombe: THOKOZANI MBUNDA IKHUTHAZWE ukuthi ingawabuke­li phansi amanye amathuba omsebenzi intsha ebithamele ingqungqut­hela ye-African Renaissanc­e eThekwini
 ??  ?? UGEQE amagula ngokwenza intsha yakuleli ingasebenz­i uMnuz Sibusiso Mngadi obekhuluma kwi-African Renaissanc­e eThekwini
UGEQE amagula ngokwenza intsha yakuleli ingasebenz­i uMnuz Sibusiso Mngadi obekhuluma kwi-African Renaissanc­e eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa