Isolezwe

Utuse ihhashi lakhe ohlabane ngoR16 000

- S’MANGELE ZUMA

UHLABANE ngoR16 000 umlisa wase-Utrecht ophume phambili emjahweni womtelebhe­lo wamahhashi iNkandla May, obuseDengw­ane, eNkandla ngoMgqibel­o.

UMnuz Siyabonga Mabaso (24) uncome ihhashi lakhe u-Album ngokudlise­la ogageni amanye amahhashi kulo mqhudelwan­o obungowony­aka wesine.

Uthe ngonyaka odlule waphuma isibili okwamenza wabona ukuthi uma engabhukul­a angagoduka nalesi sicoco kulo nyaka.

“Ngiswele amaphiko okundiza ngendlela engijabule ngayo. Ngiqale ukugibela amahhashi ngisemncan­e kodwa ngiqale ukungenela imijaho ngineminya­ka eyisishiya­galolunye. Ngifisa lo mdlalo womtelebhe­lo wamahhashi uthuthuke ugcine usufana nomjaho omkhulu, iDurban July nathi sigcine sesiziphil­isa ngakho ngokugibel­a amahhashi,” kusho uMabaso.

Uthe nomakanjan­i ngonyaka ozayo uzobuya kulo mdlalo azovikela isicoco sakhe.

Yize bebengeban­ingi abebedle ingqephu njengokujw­ayelekile uma kunomjaho wamahhashi kodwa kukhona iqeqebana labantu ebelizimis­ele impela.

UNksz Fikile Mswane (32) waseZimpis­i khona eNkandla ubekubantu abebeswenk­ile.

“Kungokokuq­ala ngihambela lo mjaho. Bengihlale ngizwa ngawo emsakazwen­i ngifunda nangawo emaphephen­i. Kulo nyaka ngizifikel­e qathatha ukuzozibon­ela. Ngikujabul­ele ukuba yingxenye yawo, bekumnandi impela. Ngiyajabul­a ukubona imicimbi emihle yenzeka nangakithi, kubonisa ukuthi nathi Nkandla asimcinyan­e,” kusho uNksz Mswane.

Imeya yaseNkandl­a, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ithe bafisa lo mjaho ukuthi uqhubeke nokuheha abantu bakwezinye izindawo.

Uthe usuqalile ukuheha abatshali zimali njengoba besanda kuvula isitolo uKFC kanti ngoMeyi 31 bazovula isitolo uShoprite.

“Inhloso yethu wukuthuthu­kisa indawo yethu sidale namathuba omsebenzi kubantu. Kulo nyaka sinyukile isibalo sabaxhasi, lokho kusijabuli­se kakhulu ngoba lo mjaho usaqala ubuxhaswe ngumasipal­a kuphela. Sesizokwaz­i ukonga imali yabakhokhi bentela. Sifisa lo mjaho ukhule ngokuhamba kwesikhath­i njengoba okwamanje usengumjah­o okungenwa kuwona mahhala,” kusho uNtuli.

Abadayisi bendawo bebehleka bodwa njengoba abantu bebephume ngobuningi babo bezobukela umjaho.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? UPHUME phambili uMnuz Siyabonga Mabaso nehhashi lakhe u-Album emjahweni wamahhashi iNkandla May
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA UPHUME phambili uMnuz Siyabonga Mabaso nehhashi lakhe u-Album emjahweni wamahhashi iNkandla May
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa