Abambulwe izinqe abaqasha izinkabi
IQEMBU i-IFP liphoxeka futhi lishaqeka kufanele ngokuboshwa kwemeya kamasipala waseNdumeni nekhansela ngeledlule ngezinsolo zokubopha uzungu lokusoconga usomlomo womkhandlu.
IMeya uMnuz Sboniso Mbatha nekhansela uMnuz Mthembeni Majola babe ngundabuzekwayo ngeledlule kuvela izindaba zokuboshwa kwabo nosolwa ngokuba yinkabi, uMnuz Celani Mkhwanazi.
Siyaqonda ukuthi bonke laba basengabasolwa kulolu daba nokusho ukuthi bamsulwa kuze kube kuphothulwa uphenyo nokuqulwa kwecala labo.
Kepha ngenkathi kusaphenywa kuqulwa necala, ngeke kwaphikwa ukuthi umkhondo olandelwe ngoKlebe uholele ekutheni abasolwa baboshelwe ukuthi bebefuna ukuphambanisa uNkk Bongiwe Mbatha, uSomlomo, nemvula .
Kayishonanga le nale i-IFP kulolu daba, ikuvezile ukuthi iphoxekile, nayo izokwenza uphenyo lwayo ngaphakathi eqenjini kepha izoyekelela umthetho wenze umsebenzi wawo njengokuphoqa koMthethosisekelo wezwe.
Usinda emlonyeni wengwenya nje uNkk Mbatha, isimo sibi KwaZulu-Natal kubhuqwabhuqwa osopolitiki.
Yize kubulawa kakhulu abeqembu elibusayo i-ANC kodwa nabamanye amaqembu bayabulawa.
Inkinga yombango wamandla nezikhundla, okugcina sekudala uqhekeko, kubukeka kuyiwona umsuka walokhu kuqothwa kosopolitiki.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, wethembisile ukuthi udaba uzolusukumela ebambisene nabanye ongqongqoshe ukuze kuboshwe izigilamkhuba.
Okwenziwe woKlebe ezinsolweni zokuthi kusocongwe uNkk Mbatha, kusinika ithemba lokuthi ayaphela amahlathi kubenzi bokubi.
Siyafisa ukubona ukuphenywa nokulandelwa komkhondo kuholela ekubanjweni kwezinswelaboya nakwamanye amacala osopolitiki asebebulewe.
Sifisa ukubona kwembuleka izinqe zalabo abaqasha izinkabi.
Esikufisa kakhulu wukuthi kuphele ukungakwazi ukubekezelelana kosopolitiki ababanga amandla nezikhundla.
Awuphele umcabango wokuthi izinkinga zixazululwa ngokubulala.