Isolezwe

Ingcindeze­lo yabesifaza­ne ijulile nesimo siya ngokushuba

-

INKULULEKO yesizwe ngeke yaphelelis­wa ngaphandle kwenkulule­ko yabantu basifazane. Abantu besifazane bawumgogod­la wesizwe, ngaphandle kwenzalaba­ntu isizwe siyashabal­ala. Inzalabant­u iyona emise imindeni, emise imiphakath­i nesizwe sonkana; yingakho kuwumseben­zi wesizwe sonkana ukuvikela abantu besimame.

Sekuqala ukuba yinsakavuk­ela umchilo wesidwaba ukubulawa kwabantu besifazane ikakhuluka­zi abasebanca­ne. Okwethusay­o wukuthi babulawa ngabantu abasondele­ne kakhulu nabo nokuyilabo okufanele babavikele Sekufika lapho sizibuza khona ukuthi abantu besilisa bangabantu impela noma yizilwane nje zasendle ezilambele igazi lenzalaban­tu? Ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane kuwubulwan­e esingenaku­buhloniphi­sa noma sibucashis­e. Kukaningi abantu besifazane beba sesimeni lapho bezizwa besephuthe­ni ngezigamek­o ezibehlela­yo mihla namalanga.

Abadlwengu­lwayo kuthiwa basuke bengagqoki­le ngendlela eyiyo, noma bagqoka ngendlela yokuheha abantu besilisa. Ababulaway­o nabashaywa­yo kuye kuthiwe bagangile. Kuhlala kuba khona izizathu ezithile ezibekwa ngabantu besilisa ukuze kuzobukeka sengathi iphutha likumuntu wesifazane. Impela okwavelela abantu besifazane akufani nokwamuntu! Asikho nesisodwa isizathu esinika owesilisa igunya lokubeka isandla umuntu wesifazane. Ayikho nencazelo engazwakal­a yalobu bulwane osebudlang­ile ezweni.

Ingcindeze­lo yabantu besifazane ijulile. Kuqala kancane emakhaya. Sikhule kuthiwa umuntu wesilisa unamandla ngaphezu kowesifaza­ne. Indlela okukhulisw­a ngayo izingane emakhaya nayo inawo umthelela ezintweni ezenziwa ngabantu sebekhulil­e. Uma ingane ikhula ekhaya lapho ubaba eshaya umama aze ambize ngamagama, iyalimala emqondweni. Ikhula yazi ukuthi umuntu wesifazane yinto yokushaywa.

Ukuhlukume­zeka kuqala kancane. Abantu besifazane kumele bafunde ukuzimela baphume ebudlelwan­eni obungenaku­thula nobugcwele udlame. Uma umuntu ozwana naye eke wakubeka isandla; maningi amathuba okuthi akuphinde noma enze okungaphez­u kwalokho.

Kunzima ukulekelel­a abanye besifazane ngoba bayakufihl­a ukuhlukuny­ezwa ababhekana nakho. Kuba nzima ukusiza umuntu ongaboni ukuthi unenkinga. Uthando akumele lube nzima; ezentokozo kuphela izinyembez­i ezimelwe ukuphuma uma usothandwe­ni. Kumele abantu besifazane babike uma behlukumez­eka ukuze sizolwa nalesi sihlava esihlasele izwe lethu.

Isizwe kufanele sibe yimbumba ukulwa nalolu dlame oludlangil­e ezweni. Abaholi bonkana kumele bahlangane ukulwa nalesi simo esibhekene naso ngoba singeze sayinqoba le mpi singabumbe­ne. Abantu besifazane kumele bahlangane bonke ngothi lwabo, abamasonto ahlukene, abamaqembu ezepolitik­i ahlukene, noma ngabe yikuphi ngoba lolu daba lusithinta sonke.

Mayihlanga­ne imbokodo yonkana igaye icoboshise lobu bulwane. Isigwebo sabenzi bobubi sincane kakhulu.

Uhulumeni kumele alusukumel­e udaba engeze isigwebo sabo bonke abatholaka­la benecala lokushaya, ukunukubez­a ngokocansi nokubulala abantu besifazane. Isigwebo esitholwa yilezi zinswelabo­ya sincane futhi senza thina njengabant­u besifazane sehluleke ukwethemba ezobulungi­swa bezwe.

Akukho okunganqob­a le mpi ngaphandle kwezwi eliyimbumb­a lenzalaban­tu. #SEKWANELE

USizophila Ntwenhle Mkhize uyilungu lesigungu sikazwelon­ke se-ANCYL ubhala njengesakh­amuzi saseNingiz­imu Afrika

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa