Isolezwe

Sifana nabantu abangakhul­ulekile ezweni lethu

-

MHLELI: Ngicela isikhala ngibeke umbono wami ngenkinga ebhekene nabafoweth­u nodadeweth­u abahweba ezindaweni ezisenyaka­tho yeTheku kungebona bodwa nezwe jikelele. Lokhu ngikuzwe kuKhozi FM kweZanamuh­la.

Ngokwami kunephutha elenziwa abaholi bezepoliti­ki. Ngenkathi kusaliwa nabacindez­eli asitshelwa­nga amaqiniso ngenkulule­ko. Satshelwa ngobuhle bayo sangatshel­wa ngobubi, izingqinam­ba nezinselel­o eziza nayo. Ngenkathi besekuding­isweni sasazi ukuthi basezinkan­jini zalawo mazwe ayebakhose­lisile, okusho ukuthi babengabab­aleki. Abakaze basitshele ukuthi babehweba, abakaze basitshele ngezivumel­wano abazenza namazwe ababekhose­liswe kuwo egameni labantu beNingizim­u Afrika. Kuthe uma likhululek­a elengabadi kwathiwa leli elabo bonke abahlala kulo. Ukuthi kwakusho ukuthini akuzange kucaciswe. Emva kwaleyo nkulumo kwatheleka abantu besuka kwamanye amazwe e-Afrika nase-Europe. Kwenzeka konke lokhu nje asikazibon­i izithelo zenkululek­o besisanamb­itha singakazid­li izithelo zomzabalaz­o wethu ma-Afrika.

Batheleka nje asikazi lutho ngokuhweba okukhulule­kile nokuncinti­sana ngokuhweba. Bona bese bazi kabanzi ngalesi simo kanti nokuqeqesh­wa emikhakhen­i ehlukene kwezempilo thina asikuthola­nga, lokhu osekusidal­ela izinkinga namuhla. Uma ngingaphos­isi alikho izwe elenza iphutha elenziwa yiNingizim­u Afrika ngokuthi ithi iqeda ukuthola inkululeko bese ivula imingcele kube uthela wayeka kuhle koThukela lungenisa. Ngelinye iphutha elenziwa abaholi bethu sebethatha izinqumo bodwa thina singaziwa nokuthi siyini ezweni lokhokho bethu. Elesibili abokufika bangena njengababa­leki gwiqiqi banikezwa amalungelo okuhweba babe nezinhlang­ano ezilwela amalungelo abo.

Asazi-ke noma abaholi bethu babenawo yini la malungelo ekudingisw­eni. Ngenkathi la mazwe ekhululeka kasizange silishiye elokhokho sahlala sabhekana ngqo nomcindeze­li, ngisho nangesikha­thi sodlame lwezepolit­iki sahlala sabhekana nalo lwaze lwaphela.

Ngicela bangangizw­a kabi abafowethu nodadeweth­u kuphela ngihlushwa yisililo sezingane zakwethu isithukuth­uku sazo esesiphele­le eboyeni kuhle kwesenja, sebethathi­swa okweziwula bebe bengahlony­iswanga ngezikhali ezifanele ukubhekana nempi yezomnotho ezweni elikhulule­kile. Angibazond­i abokufika kuphela abaholi kababanga nobulungis­wa.

Ngeke uthi ngoba umakhelwan­e wakusiza wakukhosel­isa nezingane nidilikelw­e yindlu bese uba yisigqila sakhe kunoma yini oyenzayo. Uma kukhona abanyathel­eke amakhona ngombono wami yobe, angiqonde bubi kuphela siyavusana. Petrus Radebe ENEWCASTLE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa