Isolezwe

Sididekile ngelungu lomndeni elihlushwa yisifo sokuwa

-

MHLELI: Asisazi ukuthi sizoyenzen­jani indaba yelungu lomndeni eliphila nesifo sokuwa elisazukwa wukudlula kuGrade 5 esikoleni samabanga aphansi ngenxa yokufeyila.

Into eyenza afeyile wukuthi ugula njalo ngenyanga kuyenzeka ahlale amasonto amabili ekhaya engayi esikoleni. Uzimisele ngesikole futhi uyasithand­a inkinga wukugula njalo.

Nezingane seziyamhle­ka ngoba mdala kunazo zonke. Sicela usizo ngoba nempesheni yakhe yavalwa nakuba lokhu kugula sekwamenza walahlekel­wa wumqondo. Impesheni bayivala bathi usindile kodwa lokho kuyaxaka ngoba thina esihlala naye asikuboni lokho kusinda abakushoyo.

Sicela niwuhlabe niwulawule. Ngisho kungabuzwa kuthishomk­hulu wesikole afunda kusona angafakaza futhi nomphakath­i uyalwazi udaba lwakhe.

Sicela izimpendul­o ngokuvalwa kwempeshen­i yakhe. Uma ikhona indlela sifisa atholelwe nesikole angafunda kusona sabantu abanenking­a ecishe ifane neyakhe.

Kuyimanje uyagula yisonto lesibili leli engayi esikoleni. Inkinga wukuthi asikwazi ukumyisa esibhedlel­a uma egula ngoba imali ayikho akekho umuntu osebenzayo ekhaya.

Siyazi ukuthi lukhona usizo lwe-ambulensi uma niyidingel­a isiguli kodwa inkinga iba sekutheni kuzobizwa i-ambulensi kuthi uma sekumele kubuywe kudingeke imali yokugibela le esuke ingekho. Ngenxa yalokho ugcina engayiswan­ga esibhedlel­a.

Kodwa ukugula kwakhe akubuzwa uzibonela ungatshelw­anga. Enye inkinga wukuthi munye udokotela okhona okumele uye kuyena uma ufuna impesheni kanti uyabiza ngoba kukhokhwa uR300.

Sicela usizo ukuze ezokwazi nokuthola imithi aphinde athenge nokudla okufanele ngoba kuningi ukudla okungamele akudle. Uma ingabuya imali yakhe sifisa nokumyisa esikoleni esizomfund­isa ikhono alithanday­o ukuze akwazi ukuziphili­sa ngalo ngoba esikoleni usesele kakhulu kunzima ukuthi angaqeda. Phindokwak­he Mvundla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa