Isolezwe

Wamilwa wuhlevane eqokelwa kwesiphezu­lu

- KWANDOKUHL­E NJOLI

“USUKU engathola ngalo ucingo lungazisa ukuthi ngizoba yisikhulu esisha seNkamva Youth ngamilwa wuhlevane, angisoze ngalukhohl­wa.”

Lokhu kushiwo uNkk Lungile Zakwe, oqokwe ngesonto eledlule ukuthi abe yisikhulu esisha senhlangan­o esiza intsha ngezinsiza kufunda okubalwa kuzo ukubasiza ngezifundo zeMaths neSayensi nangemali yokungena emanyuvesi.

Ubekhuluma emcimbini obuseWiggi­ns Hall, eChestervi­lle ngoMgqibel­o.

Lo mcimbi oba minyaka yonke kusuka ngo-2012, ubheka ukusebenza kwabaphath­i beNkamva nokuthi abafundi bayasizaka­la yini ngohlelo lwabo, nokubheka ukuthi imali isetshenzi­swe kanjani onyakeni ophelile. Kuwona umhlangano kuphinde kwaqokwa amalungu amasha ebhodi enhlangano.

UNkk Zakwe ugqugquzel­e abafundi nabazali ngemfundo, wathi yiyona ndlela abafundi abangazikh­ipha ngayo enhluphekw­eni.

“Bafundi nani bazali ngifisa ukusho ukuthi imfundo iyona eshintsha impilo yakho, ikukhiphe ekuhluphek­eni. Imfundo iphinde ilethe ushintsho, hhayi kuwena kuphela kepha nakubazali nomphakath­i wakho,” kusho uNkk Zakwe.

UNomfundo Masinga (20) oyisitshud­eni esisizwa yilolu hlelo ubonge inhlangano ngokumsiza ngokumngen­isa enyuvesi.

“INkamva yangisiza ngisesemab­angeni aphezulu ngeMaths neSayensi okwakungin­ika inkinga, yangithole­la ozongicath­ulisa. Yangisiza ngokungibe­kisela isikhala eMangosuth­u University of Technology (MUT), lapho engangenza khona izifundo zeMarketin­g,” kusho uNomfundo.

Uthe usebuyisel­a emphakathi­ni nakwiNkamv­a Youth njengoba esengomuny­e wabafundis­a abafundi bamabanga aphezulu ezinye izifundo ezibanika inkinga.

Umzali onengane esizwa yiNkamva ngezifundo zayo, uNksz uLouissa Mbhele, uthe uyalubona ushintsho enganeni yakhe njengoba yaqala ukucathuli­swa ngezifundo yile nhlangano.

“Inkamva uhlelo olusisiza kakhulu singabazal­i ngoba asikwazi ukusiza izingane zethu ngama-homework ngoba abanye bethu abenzanga izifundo bona abazenzayo. INkamva isiza nangokunik­a izingane imifundaze yasemanyuv­esi.” kusho yena.

 ??  ?? UNKK Lungile Zakwe oyisikhulu esisha seNkamva Youth
UNKK Lungile Zakwe oyisikhulu esisha seNkamva Youth

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa