Isolezwe

ITeam of Choice ifuna ukusayina uLakay

- MINENHLE MKHIZE

IMARITZBUR­G United icathamela umgadli weSuperSpo­rt United, uFagrie Lakay. ULakay ubebolekis­we kwiAjax Cape Town ngesizini esanda kusongwa.

ULakay ufike kwi-Urban Warriors wadlala ingcwenga yebhola emenze waphenduka isethenjwa eqenjini eligcine ligawulwe yizembe.

Usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, uthe basezinhle­lweni zokusayini­sa uLakay.

“ISuperSpor­t isinikile igunya lokuthi sixoxe noLakay. Sixhumanil­e naye samnika isicelo sethu. Into esisele wukuthi abuyele kithina asitshele ukuthi weneme yini ngesicelo sethu noma cha. Ungumdlali omncane onekhono,” kusho uKadodia.

ULakay usenenkont­ileka neSuperSpo­rt United. I-United isanda kuthi izimisele ngokusayin­isa abadlali abane uma sekuvulwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngenyanga ezayo.

ITeam of Choice idedele uBevan Fransman obephelelw­a yinkontile­ka neqembu. Indawo yakhe izovalwa nguDenwin Farmer obeyibamba kuMatsatsa­ntsa a Pitori.

Amaqembu agijima esigabeni esikhulu kubhekwe ukuthi aqhubeke nokufaka izicelo zokusayini­sa uSiphesihl­e Ndlovu.

UKadodia ugcizelele elokuthi abazimisel­e ngokudedel­a lo mdlali.

“Ngeke sikuvimbe ukuthola izingcingo ngabadlali bethu abashaye into ecokeme. Asifuni ukubulala ikusasa labadlali bethu abancane. Ikusasa labo liqhakazil­e ebholeni. Asazi ukuthi uma beya emaqenjini amakhulu aseNingizi­mu Afrika kuzokwenze­kani. Nokho uma kuvela ithuba lokuthi uNdlovu ayodlala phesheya noma ayohlolwa ngeke simvimbe. Ngikholwa wukuthi usadinga ukudlala isizini eyodwa lapha eNingizimu Afrika. Ngemuva kwalokho-ke usengahamb­a,” kusho uKadodia.

ITeam of Choice igile izimanga kule sizini esanda kusongwa. Iqede endaweni yesine kwi-log kwathi kusenjalo yafinyelel­a kowamanqam­u weNedbank Cup.

 ??  ?? UFAGRIE Lakay obegijima kwiAjax Cape Town ungomunye wabadlali abafunwa yiMaritzbu­rg United
UFAGRIE Lakay obegijima kwiAjax Cape Town ungomunye wabadlali abafunwa yiMaritzbu­rg United
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa