UJordaan nezinhlelo ngabesifazane
UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ukholwa wukuthi kuzolotha konke obekwenzeka ngombango wesikhundla, kugxilwe emsebenzini wokuthuthukisa ibhola eNingizimu Afrika.
UJordaan uphinde waqokelwa kwesokwengamela iSafa ngaphandle kokuphikiswa embuthanweni wokukhetha obukade useSandton Convention Centre eGauteng ngoMgqibelo. Ezinyangeni ezimbalwa bekubukeka uzoshisa phansi umbango wesikhundla kodwa uJordaan ugcine eselungenele yedwa ukhetho. Ukhetho lucishe lwabhuntsha kulandela ukuthi kube khona abafaka incwadi yokulumisa enkontolo kodwa bachithwa.
UJordaan uthe ukholwa wukuthi sesidlulile isivunguvungu, wadalula izinhloso zakhe njengoba esethatha elinye ihlandla.
“Ngethemba ukuthi konke kuzobuyela esimeni esijwayelekile ebholeni laseMzansi. Ikakhulukazi isikhathi esiphakathi kuka 2018 no-2022. Sifuna ukubheka ukuthi singaliqinisa kanjani ibhola labesifazane ezweni. Sibonile kusukela kwabaphethe imidlalo ukuthi esigungwini sikazwelonke sinabesifazane abathathu kuphela. Kodwa kumaLFA nasezifundeni sinabesifazane abangu-810 abasebenza ebholeni emazingeni aphansi,” kusho uJordaan.
UJordaan ubuyela esikhundleni nje, ubhekwe ukuthi afeze izethembiso zakhe ngokuthuthukiswa kwebhola eMzansi. Iningi aliyizwa indaba yakhe.
UJordaan uphumele obala ngesifiso sokuthi iNingizimu Afrika ingenele umbango wokusingatha iNdebe yoMhlaba yabesifazane.
“Ngokwabadlali sifuna ukwenyusa isibalo sabesifazane nokwethula iligi ngo-2019 nokubheka ukuthi singakwazi yini ukusingatha iNdebe yoMhlaba yabesifazane. Sizoqoka ikomiti elizohlela, uma sekukhona elikhutholile, sizohlala phansi nohulumeni nongqongqoshe wezemidlalo ukuzwa ukuthi uyahambisana yini nathi. Uma ubheka amanye amazwe asingathe iNdebe yoMhlaba, ngo-1994 asingatha eyabesilisa kwathi ngo1999 asingatha eyabesifazane. Lokho kwasiza ekukhuliseni ibhola labesifazane. “Uma ubheka iFrance yasingatha iNdebe yoMhlaba ngoo-1998 futhi izosingatha eyabesifazane ngonyaka ozayo u-2019. I-Germany yasingatha eyabesilisa ngo2006, yasingatha eyabesifazane ngo-2011,” kusho uJordaan. “Inselelo wukuthi uyisebenzisa kanjani ingqalasizinga yeNdebe yoMhlaba. Ngo-2010 sadlula kakhulu kokwakulindelwe kithina. Eyabesifazane inamaqembu angu-24, hhayi angu-32 kodwa ngesikhathi siqeda iNdebe yoMhlaba ngo2010, isidingo sezinkundla sanyuka. Sesihlale iminyaka eyisishiyagalombili, akufanele silinde kakhulu.”