Isolezwe

UHunt uvuselele inkontilek­a kwiClever Boys

- MINENHLE MKHIZE

UVUSELELE inkontilek­a yakhe kwiBidvest Wits umqeqeshi waleli qembu uGavin Hunt. Izindaba zizwakale ngaye uHunt.

Inkontilek­a kaHunt neClever Boys ibiphela ngoJuni. Lo mqeqeshi ufike kwiWits ngo-2013 esuka kwiSuperSp­ort United.

KwiClever Boys usenqobe izicoco ezintathu. Uhlabane ngesicoco se-Absa Premiershi­p, MTN 8 neseTelkom Knockout.

“Ngiyahlala kwiWits, inkontilek­a yami ngiyivusel­ele. Sekuneziny­anga ngiyivusel­ele. Ngeke ngisho ukuthi ngiyivusel­ele ngeminyaka emingaki kodwa ngiyivusel­ele,” kusho uHunt.

Kule sizini esanda kusongwa ezikaHunt azenzanga kahle. Ziqede ngaphandle kweTop 8 yize zikwazile ukunqoba isicoco seTelkom Knockout.

“Kube yisizini embi kithina. Ngesizini ezayo kumele sibuye ngamandla. Njengawo wonke amaqembu sizongena emakethe ukuze siqinise iqembu,” kusho uHunt. Lolu qweqwe lomqeqeshi seluzakhel­e igama ngokudla izicoco lapho lufika khona. KwiSuperSp­ort wanqoba izicoco ezintathu zeligi neseNedban­k. Njengamanj­e uHunt uphethe irekhodi lokudla izicoco eziningi nezingwazi ezifana noTed Dumitru ongasekho emhlabeni noGordon Igesund. Bobathathu bashaya ngezicoco ezine zeligi abazinqobe emaqenjini ahlukene. “Ziningi izinto ezibe nomthelela ekutheni singabi nesizini enhle. Sizolwa nokuzilung­isa. Ngicabanga ukuthi nokungabi yingxenye yamaqembu azobe egijima emiqhudelw­aneni yeCAF kuzosinika ithuba lokuthi sigxile emidlalwen­i yasekhaya,” kusho uHunt. UHunt useke waqokwa amahlandla amane njengomqeq­eshi ovelele kwiPremier Soccer League (PSL). Eminyakeni eyedlule uke wamatanisw­a neKaizer Chiefs engenaye umqeqeshi kodwa ukuvuselel­a kwakhe inkontilek­a kucacise ukuthi ngeke abonakale kuMakhosi.

ULuc Eymael weFree State Stars ukhona ohlwini lwabaqeqes­hi abaxoxa neChiefs.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGAVIN Hunt uzoqhubeka nokuqeqesh­a iBidvest Wits yize izinto zingahamba­nga kahle ngesizini edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGAVIN Hunt uzoqhubeka nokuqeqesh­a iBidvest Wits yize izinto zingahamba­nga kahle ngesizini edlule
 ??  ?? WILLIE MTOLO
WILLIE MTOLO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa