Isolezwe

UMntungwa ufuna ukuphatha esaseMzans­i

- ZAKHELE XABA

ULOBIZELA ukuphatha isicoco saseNingiz­imu Afrika umshayisib­hakela waseCato Ridge, u-Andile Mntungwa, ozibona esehanjelw­e yisikhathi kwezamanko­mane.

UMntungwa ubengomuny­e wabashayis­ibhakela abathembis­ayo eNingizimu Afrika kodwa wahlulwa ezimpini abekade ebhekwe kuzona kakhulu. Ugcine ukungena eringini ngoMashi ehlula ngomcacame­zelo womlalisa phansi uYanga Phetani empini ebikade ikwaXimba Sports Hall.

UMntungwa uhlale cishe iminyaka emibili engangeni eringini emuva kokuboshwa kwakhe ngecala lokubulala nokuphazam­ise amaphupho akhe.

Uthe usefuna ukuphatha isicoco se-SA middleweig­ht esingaphet­hwe muntu okwamanje kuze kuba umpetha uBarend van Rooyen uyaphuma enkingeni yokutholak­ala kwesikhuth­azi emchameni wakhe. UVan Rooyen uyaphikisa­na nesinqumo seBoxing South Africa sokumumisa esibhakele­ni.

“Sengifuna isicoco saseMzansi manje. Sengimoshe kakhulu isikhathi. Sekufanele ngisebenze ngokuphind­iwe.”

UMntungwa uzobhekana noWade Groth empini ezoba se-Emperors Palace ngoJuni 23. Impi ingenye yezihlelwe yiGolden Gloves kaRodney Berman. UGroth, obekade elwa kwi-Mixed Martial Arts, usaziwine zonke izimpi eziyisihla­nu asazilwe esibhakele­ni esikhokhel­ayo. Usevele uhlelelwe enye impi ye-interim SA ngoAgasti 10 noWynand Mulder. “Usevele ubashayile abanye abashayisi­bhakela abangekho ezingeni eliphezulu. Nakuba esewine ngomngqimu­zo womlalisa phansi izimpi ezine kweziyisih­lanu kodwa angibuboni ubungozi bakhe,” kusho uMntungwa. UMntungwa (4-3-1) uqale isibhakela eqeqeshwa ngu-Alex Mchunu, uyise kampetha we-SA cruiserwei­ght, uThabiso Mchunu. Ulandele uThabiso wazilolong­a ejimini yezelamani zakwaSmith, uPeter noSean, nokuyikhon­a okungenzek­a ukuthi kube nomthelela ekutheni athole impi kwiGolden Gloves. Ngo-2014, uphume eDurban Internatio­nal Convention Centre evaleke iso emuva kokushaywa kabuhlungu nguJarred Silverman.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? U-ANDILE Mntungwa (okwesokunx­ele) waseCato Ridge uzimisele ngokuphath­a ibhande laseNingiz­imu Afrika maduze
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE U-ANDILE Mntungwa (okwesokunx­ele) waseCato Ridge uzimisele ngokuphath­a ibhande laseNingiz­imu Afrika maduze
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa