ITeam of Choice ifuna ukusayina uLakay
IMARITZBURG United icathamela umgadli weSuperSport United, uFagrie Lakay. ULakay ubebolekiswe kwiAjax Cape Town ngesizini esanda kusongwa.
ULakay ufike kwi-Urban Warriors wadlala ingcwenga yebhola emenze waphenduka isethenjwa eqenjini eligcine ligawulwe yizembe.
Usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, uthe basezinhlelweni zokusayinisa uLakay.
“ISuperSport isinikile igunya lokuthi sixoxe noLakay. Sixhumanile naye samnika isicelo sethu. Into esisele wukuthi abuyele kithina asitshele ukuthi weneme yini ngesicelo sethu noma cha. Ungumdlali omncane onekhono,” kusho uKadodia.
ULakay usenenkontileka neSuperSport United. I-United isanda kuthi izimisele ngokusayinisa abadlali abane uma sekuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngenyanga ezayo.
ITeam of Choice idedele uBevan Fransman obephelelwa yinkontileka neqembu. Indawo yakhe izovalwa nguDenwin Farmer obeyibamba kuMatsatsantsa a Pitori.
Amaqembu agijima esigabeni esikhulu kubhekwe ukuthi aqhubeke nokufaka izicelo zokusayinisa uSiphesihle Ndlovu.
UKadodia ugcizelele elokuthi abazimisele ngokudedela lo mdlali.
“Ngeke sikuvimbe ukuthola izingcingo ngabadlali bethu abashaye into ecokeme. Asifuni ukubulala ikusasa labadlali bethu abancane. Ikusasa labo liqhakazile ebholeni. Asazi ukuthi uma beya emaqenjini amakhulu aseNingizimu Afrika kuzokwenzekani. Nokho uma kuvela ithuba lokuthi uNdlovu ayodlala phesheya noma ayohlolwa ngeke simvimbe. Ngikholwa wukuthi usadinga ukudlala isizini eyodwa lapha eNingizimu Afrika. Ngemuva kwalokho-ke usengahamba,” kusho uKadodia.
ITeam of Choice igile izimanga kule sizini esanda kusongwa. Iqede endaweni yesine kwi-log kwathi kusenjalo yafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup.