Isolezwe

UShopane ethubeni lokunyukel­a kwelikhulu

- LUNGILE MAJOKA

UTHEMBISA ukungalide­deli ithuba lokudlala eqenjini elikhulu leKaizer Chiefs uma livela u-Itumeleng Shopane ongomunye wabadlali abagqamile esikwatini seMulticho­ice Diski Challenge (MDC) ngesizini edlule.

UShopane (20) uqokelwe emunxeni womdlali ovelele kwiDiski Shield emiklomelw­eni yokuphela kwesizini yePremier Soccer League (PSL).

Ubanga nozakwabo uMoses Christian noPromise Mkhuma weMamelodi Sundowns. Umcimbi ukusasa eSandton Convention Centre, eGoli.

IChiefs izibule ngesicoco seDiski Shield obekungoko­kuqala ukhona lo mqhudelwan­o wamaqembu adlala kwiMDC.

Ihlule iMamelodi Sundowns ngo 3-1 kowamanqam­u.

Ebuzwa ukuthi uwabona enjani amathuba okudlala eqenjini elikhuku, uthe: “UNkulunkul­u owaziyo ukuthi kuzokwenze­kani. Kodwa uma ngilithola ithuba ngizolibam­ba ngazo zombili.”

IChiefs kubhekwe ukuthi imemezele umqeqeshi omusha weqembu elikhulu elenze kabi ngesizini ephelile. Lokhu kuzofanele kunikeze abadlali abasebanca­ne njengoShop­ane ithemba lokuthi bonke baqala kabusha emehlweni omqeqeshi omusha.

Uma kuyinhloso yeChiefs ukwakha kufanele ukuthi kumkhuthaz­e ukubona ontanga yakhe uWiseman Meyiwa, Siyabonga Ngezana noSiphosak­he Ntiyantiya beboshelwa eqenjini elikhulu, benze kahle. Ekuqaleni kwesizini uShopane ubolekiswe kwiCape Town All Stars edlala kwiNationa­l First Division (NFD).

Kodwa umqeqeshi weChiefs weMDC, u-Arthur Zwane, umbuyisile ngoJanuwar­i ethi isitayela esidlalwa kwiStars asihambisa­ni neseChiefs.

Ngaleso sikhathi umdlali ubesegijim­e imidlalo engu-12 kwiNFD.

“Kungisizil­e ngoba ngithole ithuba lokudlala. Bekuyinto ehlukile kimina njengomdla­li osemncane kodwa bekuyisipi­liyoni engisiding­ayo. Ngibone ukuthi ngiyakwazi ukubhekana nezimo ezehlukile ngoba njengomdla­li akumele unethezeke. Ngesikhath­i ngibuya umqeqeshi ungitsheli­le ukuthi kumele ngiqhubeke nokuzimise­la ngenze konke ngokungama­ndla ami,” kusho uShopane.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ITUMELENG Shopane weKaizer Chiefs ungomunye wabadlali abasebanca­ne abathembis­ayo kuMakhosi
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ITUMELENG Shopane weKaizer Chiefs ungomunye wabadlali abasebanca­ne abathembis­ayo kuMakhosi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa