Isolezwe

Usezogijim­a kwelaseBel­gium umgadli owaduma kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UJOYINE izinkunzi zaseBelgiu­m, i-Anderlecht, umgadli odume kwiKaizer Chiefs uKnowledge Musona.

Lezi zindaba Isolezwe lizizwe ngemenenja yakhe uMike Makaab weProSport Internatio­nal.

“UMusona usejoyine elinye iqembu elikhulu eBelgium. Abemaningi amaqembu abemfuna kodwa wajoyina leli alijoyinil­e. Usayine inkontilek­a yeminyaka emine,” kusho uMakaab.

Ngemuva kwemizuzu nje uMakaab eqede ukukhuluma naleli phephandab­a, i-Anderlecht ifake isithombe sikaMusona lapho ibiqinisek­isa ukuthi isisayinis­e lo mgadli odabuka eZimbabwe.

UMusona ubelokhu ekhonjwa emaqenjini aseNingizi­mu Afrika. Ngesonto eledlule uPotshoza weSolezwe uveze ukuthi lo mgadli ugaqelwe yiStandard Liege njengoba esesayinis­we yi-Anderlecht elinye lamaqembu amakhulu eBelgium.

UMusona uzakhele igama kwiChiefs kumasizini edlule ngaphambi kokuthi aye kodlala eGermany. Izinto azizange zimhambele kahle eGermany okuphoqe ukuthi abolekiswe kuMakhosi.

Ngemuva kwalokho ujoyine iKV Oostende abedlala kuyona no-Andile Jali okubhekwe ukuthi ajoyine iChiefs ezinsukwin­i ezizayo.

UMusona ukhona esikwatini saseZimbab­we esizoyibam­ba kwiCosafa Cup. Kubhekwe ukuthi abambe elikhulu iqhaza kuleli qembu ekutheni libe ngompetha balo mqhudelwan­o.

I-Anderlecht eyodlalelw­a nguMusona iqede endaweni yesithathu kwi-log okusho ukuthi ngesizini ezayo izobe idlala kwiEuropa League.

Lokhu kuzonika uMusona ithuba lokuzidayi­sa kwamanye amaqembu amakhulu ase-Europe uma eqhubeka nefomu yakhe enhle.

“UKnowledge usebenzile. Uvuna izithelo zokusebenz­a ngokuzikha­ndla. Ikusasa lakhe liqhazakil­e e-Europe. Ngiyamjabu­lela ngoba ngiyazi ukuthi usebenza kanzima kangakanan­i,” kusho uMakaab.

UMusona kubhekwe ukuthi ahambe ezinyathel­weni zezingwazi zabagadli baseZimbab­we abagqame emaqenjini amakhulu phesheya kwezilwand­le njengoPete­r Ndlovu noBenjani Mwaruwari.

 ??  ?? TEKO MODISE
TEKO MODISE
 ??  ?? KNOWLEDGE MUSONA
KNOWLEDGE MUSONA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa