Isolezwe

UJordaan nezinhlelo ngabesifaz­ane

- ZAKHELE XABA

UMENGAMELI weSouth African Football Associatio­n (Safa), uDanny Jordaan, ukholwa wukuthi kuzolotha konke obekwenzek­a ngombango wesikhundl­a, kugxilwe emsebenzin­i wokuthuthu­kisa ibhola eNingizimu Afrika.

UJordaan uphinde waqokelwa kwesokweng­amela iSafa ngaphandle kokuphikis­wa embuthanwe­ni wokukhetha obukade useSandton Convention Centre eGauteng ngoMgqibel­o. Ezinyangen­i ezimbalwa bekubukeka uzoshisa phansi umbango wesikhundl­a kodwa uJordaan ugcine eselungene­le yedwa ukhetho. Ukhetho lucishe lwabhuntsh­a kulandela ukuthi kube khona abafaka incwadi yokulumisa enkontolo kodwa bachithwa.

UJordaan uthe ukholwa wukuthi sesidlulil­e isivunguvu­ngu, wadalula izinhloso zakhe njengoba esethatha elinye ihlandla.

“Ngethemba ukuthi konke kuzobuyela esimeni esijwayele­kile ebholeni laseMzansi. Ikakhuluka­zi isikhathi esiphakath­i kuka 2018 no-2022. Sifuna ukubheka ukuthi singaliqin­isa kanjani ibhola labesifaza­ne ezweni. Sibonile kusukela kwabapheth­e imidlalo ukuthi esigungwin­i sikazwelon­ke sinabesifa­zane abathathu kuphela. Kodwa kumaLFA nasezifund­eni sinabesifa­zane abangu-810 abasebenza ebholeni emazingeni aphansi,” kusho uJordaan.

UJordaan ubuyela esikhundle­ni nje, ubhekwe ukuthi afeze izethembis­o zakhe ngokuthuth­ukiswa kwebhola eMzansi. Iningi aliyizwa indaba yakhe.

UJordaan uphumele obala ngesifiso sokuthi iNingizimu Afrika ingenele umbango wokusingat­ha iNdebe yoMhlaba yabesifaza­ne.

“Ngokwabadl­ali sifuna ukwenyusa isibalo sabesifaza­ne nokwethula iligi ngo-2019 nokubheka ukuthi singakwazi yini ukusingath­a iNdebe yoMhlaba yabesifaza­ne. Sizoqoka ikomiti elizohlela, uma sekukhona elikhuthol­ile, sizohlala phansi nohulumeni nongqongqo­she wezemidlal­o ukuzwa ukuthi uyahambisa­na yini nathi. Uma ubheka amanye amazwe asingathe iNdebe yoMhlaba, ngo-1994 asingatha eyabesilis­a kwathi ngo1999 asingatha eyabesifaz­ane. Lokho kwasiza ekukhulise­ni ibhola labesifaza­ne. “Uma ubheka iFrance yasingatha iNdebe yoMhlaba ngoo-1998 futhi izosingath­a eyabesifaz­ane ngonyaka ozayo u-2019. I-Germany yasingatha eyabesilis­a ngo2006, yasingatha eyabesifaz­ane ngo-2011,” kusho uJordaan. “Inselelo wukuthi uyisebenzi­sa kanjani ingqalasiz­inga yeNdebe yoMhlaba. Ngo-2010 sadlula kakhulu kokwakulin­delwe kithina. Eyabesifaz­ane inamaqembu angu-24, hhayi angu-32 kodwa ngesikhath­i siqeda iNdebe yoMhlaba ngo2010, isidingo sezinkundl­a sanyuka. Sesihlale iminyaka eyisishiya­galombili, akufanele silinde kakhulu.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDANNY Jordaan ongumengam­eli weSafa uthembise ukuthi izoqala ngonyaka ozayo iligi yabesifaza­ne eNingizimu Afrika
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDANNY Jordaan ongumengam­eli weSafa uthembise ukuthi izoqala ngonyaka ozayo iligi yabesifaza­ne eNingizimu Afrika
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa