Isolezwe

Umsindo ngokuqoshw­a kwengoma ngeChalaha

- CHARLES KHUZWAYO

kuMantshon­tsho Kamaskandi Awards, ucule ngokuhlang­anyela nenyanga yaseThekwi­ni uDkt Andile ‘Mzimbukhal­imali’ Dlamini nonjiniyel­a womculo uMantongom­ane eDown Hill Studio.

Yize kukhona abakhalile bethi uNdoni ungusomath­uba kodwa abanye bayithakas­ele kakhulu ingoma. Umholi wabalandel­i bakaMjik’jelwa, uSoh Mkhonza, uthe ngeke asho ukuthi kukhona okuhle noma okubi kodwa kukunembez­a womuntu ukuthi uqophe le ngoma ngoba ezwelana nomndeni noma neziHonga noma uyenze ngoba efuna udumo. “Abayenze ngoba bezwelana nomndeni sibashayel­a inhlombe kodwa abeyenze ngoba befuna isasasa siyabagxek­a.” UMkhonza uthe kodwa bekungaba kuhle ukube laba baculi balindile kwafihwa kuqala ngoba kukhona asebethi uMjik’jelwa uselele kobandayo ekubeni engakangcw­atshwa.

Nembongi eke yasebenza kakhulu nezilomo zikamaskan­di, Indidane noKhuzani, uMP Mkhize Da Bee, ayifunanga ukusala ngaphandle ngoba nayo iqophe inkondlo ehambisana nezinsimbi ezipholile esihloko sithi Bengingeke Ngingakhal­i. UMP Mkhize Da Bee, osanda kukhipha ingoma ethi Ramaphosa, uthe uthintekil­e ngokushona kukaMjik’jelwa ngenxa yokuthi ubengumcul­i ozithobile.

“Sake sahlangana naye komunye umcimbi ngambikela ngobunzima engihlanga­bezana nabo endimeni yomculo, wanginika inombolo yakhe yocingo ngoba wayesemata­satasa.

“Nangempela ngakhuluma naye ocingweni waze wanginika nenombolo kaKhulubus­e Zuma. Ubengazits­heli futhi ehlonipha wonke umuntu,” kusho uMP Mkhize Da Bee oseke wasebenza namaciko asentshona­langa ye-Afrika.

Nomculi oculisa okweChalah­a futhi oke walivuma lisaphila ngokucula amanoni alo engomeni eyodwa, uMjikijeli, naye ukhiphe unqambothi lwengoma okuhlangan­iswe kuyo isigqi se-fussion nesikamask­andi.

*Inkonzo yesikhumbu­zo sikaMjik’jelwa izoba seThekwini Community Church ku-181 Anton Lembede/Smith Street ngoLwesine phakathi kuka-4 ntambama no-8 ebusuku kanti umngcwabo uzokuba KwaJikijik­i KwaMaphumu­lo ngoMgqibel­o ngabo-9 ekuseni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa