Isolezwe

I-Cwusa izokweseka oweSolezwe

- FANELESIBO­NGE BENGU

INYUNYANA yamaciko, iCreative Workers Union of South Africa (Cwusa) KwaZulu-Natal, izibopheze­le ekubambisa­neni neSolezwe ekulweni nesihlava sokubulawa nokuhlasel­wa kwabantu besifazane.

Ukwanda kwezigamek­o zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kwenze Isolezwe lahlela umkhuleko ngaphansi komkhankas­o i#Sekwanele. Umkhuleko ngowokushw­eleza kuNkulunku­lu ukuthi lezi zigameko ziphele. Uzoba seThekwini Community Church ngo-10 ekuseni ngoLwesine.

Omunye wabaholi beCwusa, uThokozani “T’zozo” Zulu, uthe bazoba yingxenye yomkhuleko ngoba abahambisa­ni nokuthi abantu besifazane bahlale behamba bejeqeza.

“Aseneme ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane, babaluleki­le empilweni ngoba yibo inzalabant­u,” kusho uT’zozo.

Uqhube wathi bayabafund­isa nabaculi abasafufus­a ngokuthi benze umculo onomyalezo ukuze kushintshe izwe.

“Ngihlale ngithi akukwazi ukuthi umculi athi efika bese ecula ngokuthi uyisikhokh­o kangakanan­i. Kungcono abhale ingoma enomyalezo. Bheka nje sizenzile izingoma ezikhuluma ngokupheph­a emgwaqweni, iVal’ingozi, kukhona enye ye-Operation Hlasela eyayikhulu­ma ngokuthi abantu babikeubug­ebengu emaphoyise­ni ubugebengu futhi kukhona nenye esayenza noPhuzekhe­misi eyayigxeka ukucwasa ngokobuzwe. Zonke izinto ezikhunget­he umphakathi siyaye sikhulume ngazo ngoba ubuciko buneqhaza elikhulu. Bheka nje oHugh Masekela noMbongeni Ngema bayibamba ishisa belwa nobandlulu­lo kanjalo noSam Nzima obefihlwa ngempelaso­nto,” kusho uT’zozo.

Umkhuleko uzoqala ngo-10 ekuseni kanti wonke umuntu uvumelekil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa