Isolezwe

Isikhalo ngokhetho lokuchibiy­ela eMtubatuba

- INTATHELI YESOLEZWE

LUSENGCUPH­ENI yokuba luqalwe phansi ukhetho lokuchibiy­ela lwaseMtuba­tuba ngemuva kokuthi i-ANC ifake isikhalo sokuthi kuvote abantu okungebona abendawo.

Izolo, iKhomishan­a ebhekele ukhetho KwaZuluNat­al, iveze ukuthi ngokwayo akekho onqobile ngoba kusenziwa uphenyo ngamavoti.

Ukhetho belungoLwe­sithathu kanti kuthe ngoLwesine i-IFP yabhiyoza ijabulela ukuthi izibalo zivuna yona.

NgoLwesihl­anu, i-ANC ijube uNkk uBelinda Scott ohola ikomiti lezomtheth­o kuleli qembu ukuba aqoqe bonke ubufakazi yabe isifaka isikhalo.

UNobhala we-ANC esiFundeni iFar North, uMnuz Siphile Mdaka, uthe bafake isikhalo ngoba besola ukuthi kuvotiswe abantu abangafane­le.

“Sibe nezinsolo zokuthi bavotise abantu ababalelwa ku-211 okungebona abaku-ward 4. Kuthe uma sibikela ikhomishan­a yokhetho ezimele, nayo yathola ukuthi emabhukwin­i ayo abantu abangaphez­ulu kuka-1 000 bekungebon­a abaku-ward-4 kodwa bavela ohlwini lwango-2016 lwaseNquth­u, KwaHlabisa naseJozini. Akugcinang­a lapho kodwa kwenziwe uphenyo emzini yabantu noluveze ukuthi kuleyo engu-17 abayihambe­le, bangu-15 abangaziwa kuyo yize bebebhalis­e ngemininin­gwane yayo. Kumanje silinde impendulo ku-IEC ukuze sithole ukuthi bathatha siphi isinyathel­o,” kusho uMdaka.

Uqhube wathi empeleni baqale ukukhonond­a ngoMsombul­uko lungakafik­i ukhetho, baya enkantolo kodwa yabachitha ngokuthi udaba lwabo aluphuthum­i.

UMdaka uthe abanendaba nemiphumel­a kodwa abakhala ngakho ukuba kwenziwe ubulungisw­a.

Uthe uma udaba lwabo lubehlula ku-IEC bazobuyela enkantolo ukuze ukhetho luqalwe phansi.

UMnuz Mawethu Mosery we-IEC eKZN, uthe udaba bayalwazi kodwa basalusebe­nza.

“Ngokomthet­ho sinezinsuk­u ezintathu ukuba sisebenze isikhalo esisuke sikhona. Nakulolu daba siluqale ngoLwesihl­anu kanti sizoletha izimpendul­o ngoLwesith­athu. Okwamanje ukhetho lwaseMtuba­tuba akekho olunqobile.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa