Isolezwe

Kuvalwe isikole kusuka uthuthuva

- CHARLES KHUZWAYO

BASALE dengwane abafundi besikole saseZingce­ngeni, eTugela Ferry eMsinga, iThemani Combined, kuvalwa isikole emuva kothuthuva olususwe wukuphakel­wa kwezingane.

Omunye wabazali abakhathaz­ekile futhi ocele igama lakhe lingavezwa, uthe sekuyisont­o lesibili abafundi bakaGrade 1 kuya kuGrade 12 bebhuquza emakhaya.

“Into eyasusa umsindo wukunikezw­a kwabanye abantu besifazane ithenda yokuphekel­a izingane ukudla. Okususe umsindo wukuthi kwakuvunye­lwene ngokuthi bazosebenz­a iminyaka emibili bese bededela abanye kodwa bona sebeyoqala unyaka wesithathu,” kusho umzali.

Uthe kuningi okungahamb­i kahle njengokuxh­ashazwa kwemali yesikole nokuthi uthishanhl­oko ubuye ashaye othisha ngezimpama.

“NgoJanuwar­i abafundi babuya isikole sicishelwe ugesi ngemuva kokuba i-Eskom ithole ukuthi ukokotelwe. Kwabe sekuvela ukuthi kusetshenz­iswe uR36 000 ukuwuvula ngaphandle kwemvumo yabazali, kwacaca ukuthi kukhona abaxephula umkhoma.”

Uthe kukhona uthisha owaqhunyis­wa ngempama nguthishan­hloko kwaze kwaphoqele­ka ukuthi abalekisel­we kwesinye isikole.

Omunye umzali ongathanda­nga ukudalulwa uthe isikole sivamise ukukhiqiza imiphumela engenelisi kangangoba abanye abazali sebephoqel­ekile ukuba bayofundis­a izingane zabo kwezinye izikole. “Ngikhuluma nje izingane zaseMantun­gweni, ezakwaMpun­gose nezakwaMkh­ungo sezihamba amabanga amade ngoba zayiswa ezikoleni ezibuqamam­a.”

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Zwelombang­o Mntungwa, uvumile ukuthi sivaliwe isikole ngenxa yokuthi othisha bazizwe bengapheph­ile ngemuva kokuba kube nomhlangan­o esikoleni ngoMgqibel­o. “Bathe bafuna kulandwe umqondisi azochaza ukuthi wathini kubazali ngesikhath­i eze kulesi sikole.” UMabaso unxuse abazali ukuba babayeke othisha bafundise, bangafaki izingane ezintweni ezingahlan­gene nazo.

Ethintwa uthishanhl­oko, obizwe ngoMnuz Mvana Ndlela, uvumile ukuthi basivalile isikole. “Sicele umqondisi ukuba asinikeze usuku lokuhlanga­na naye, washo uLwesihlan­u. Sicelile kodwa ukuba alusondeze ngoba lukude kakhulu njengoba sifuna izingane zisheshe zibuye,” kusho uNdlela othe wuhlelo lokuphakel­wa kwezingane ukudla olususe uthuthuva. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sicelo Khuzwayo, esaphenya ngodaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa