Isolezwe

Imibuzo ngokubulaw­a kobesebenz­ela umphakathi

- MHLENGI SHANGASE

ISELE nemibuzo ingoduso yesisebenz­i somphakath­i kuMasipala waseMzimkh­ulu uMnuz Nkosikhona Maxhakana (56) odutshulwe washona ngempelaso­nto eqeda ukushintsh­a i-globe emzini wakhe.

UNksz Balindile Zulu, ingoduso kamufi, uthe akayazi imbangela yokubulawa kwakhe ngoba azikho izinsongo abezithola futhi akasenalo nekhadi le-ANC ngisho isikibha senhlangan­o.

Elandisa Isolezwe ngokwenzek­e ngoMgqibel­o kubulawa umufi uthe wafika ephuma eHarding lapho kwakunomse­benzi khona wamnika inyama ayemphathe­le yona nesitsha sokudla kwezinkukh­u abezifuyil­e.

Uthe wayenesito­lo ne-salon asakuvala wathi wabheka ugesi esigubhini ukuthi ungakanani waphuma eyobheka i-globe lapho kwakuyisit­olo khona.

“Washintsha i-globe, kwangena okungabafa­nyana nje ababili babuza ezinganeni ena-11 nena-13 ezazidlala egcekeni ukuthi uphi uyise. Izingane zamkhomba, baqonda kuyena bakhuluma naye izingane zangezwa ukuthi bathini. Kwaqhuma isibhamu kathathu, izingane zabaleka, eyodwa yeza endlini izosho ukuthi ubaba sebemdubul­ile, ena-11 yacasha endlini yamathuluz­i,” kusho uNksz Zulu.

Uthe abafana babezifake­le izandla emaphaketh­eni beyophuma ngesango kwathi uma elunguza oyedwa wabo wambona.

“Weza ngakumina kwakhala ucingo kulo owayengase­sangweni wambiza wathi “yeka leyo nto”. Babuya baqonda lapho ayeselele khona phansi umyeni wami bambheka ukuthi unjani bambona ukuthi uthule baphuma bahamba bengabalek­i. Kuthiwa bangena emotweni eyayibalin­dile eyahamba ngomgwaqo wobhuqu ibheke ngaseHardi­ng,” kusho uNksz Zulu.

Uthe waphuma wamemeza ingane eyayicashi­le wathatha nenye eneminyaka emine bayohlaba umkhosi.

“Saze sabuya nomngani wakhe siyombheka samfica ethule. Siyesaba ngoba asazi ukuthi wabulawela­ni. Njengezise­benzi zomphakath­i asivumelek­ile ukuthi sibe amalungu amaqembu ezepolitik­i. Waqala ukwenza lo msebenzi ngo-2005 ngakho akasekho nje kwipolitik­i.”

Uthe akazi futhi ukuthi kwakuzokwe­nzekani ukuba ababulali bafika behleli bonke endlini.

“Izingane zithukile ngoba zabona kubulawa uyise. Ena-11 kwabuye kwahlangan­a amehlo ayo nawabafana ngesikhath­i iphuma lapho yayicashe khona,” kusho uNksz Zulu.

Izolo abaholi abahlukene bebengena bephuma emzini kaMaxhakan­a bezobhonga emswaneni. UNgqongqos­he wezokuPhep­ha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uvakashele umndeni eyowukhali­sa ngokwenzek­ile.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe akukaboshw­a muntu.

 ??  ?? UMNUZ Nkosikhona Maxhakana obulawe ekwakhe ngempelaso­nto eMzimkhulu
UMNUZ Nkosikhona Maxhakana obulawe ekwakhe ngempelaso­nto eMzimkhulu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa