Imibuzo ngokubulawa kobesebenzela umphakathi
ISELE nemibuzo ingoduso yesisebenzi somphakathi kuMasipala waseMzimkhulu uMnuz Nkosikhona Maxhakana (56) odutshulwe washona ngempelasonto eqeda ukushintsha i-globe emzini wakhe.
UNksz Balindile Zulu, ingoduso kamufi, uthe akayazi imbangela yokubulawa kwakhe ngoba azikho izinsongo abezithola futhi akasenalo nekhadi le-ANC ngisho isikibha senhlangano.
Elandisa Isolezwe ngokwenzeke ngoMgqibelo kubulawa umufi uthe wafika ephuma eHarding lapho kwakunomsebenzi khona wamnika inyama ayemphathele yona nesitsha sokudla kwezinkukhu abezifuyile.
Uthe wayenesitolo ne-salon asakuvala wathi wabheka ugesi esigubhini ukuthi ungakanani waphuma eyobheka i-globe lapho kwakuyisitolo khona.
“Washintsha i-globe, kwangena okungabafanyana nje ababili babuza ezinganeni ena-11 nena-13 ezazidlala egcekeni ukuthi uphi uyise. Izingane zamkhomba, baqonda kuyena bakhuluma naye izingane zangezwa ukuthi bathini. Kwaqhuma isibhamu kathathu, izingane zabaleka, eyodwa yeza endlini izosho ukuthi ubaba sebemdubulile, ena-11 yacasha endlini yamathuluzi,” kusho uNksz Zulu.
Uthe abafana babezifakele izandla emaphaketheni beyophuma ngesango kwathi uma elunguza oyedwa wabo wambona.
“Weza ngakumina kwakhala ucingo kulo owayengasesangweni wambiza wathi “yeka leyo nto”. Babuya baqonda lapho ayeselele khona phansi umyeni wami bambheka ukuthi unjani bambona ukuthi uthule baphuma bahamba bengabaleki. Kuthiwa bangena emotweni eyayibalindile eyahamba ngomgwaqo wobhuqu ibheke ngaseHarding,” kusho uNksz Zulu.
Uthe waphuma wamemeza ingane eyayicashile wathatha nenye eneminyaka emine bayohlaba umkhosi.
“Saze sabuya nomngani wakhe siyombheka samfica ethule. Siyesaba ngoba asazi ukuthi wabulawelani. Njengezisebenzi zomphakathi asivumelekile ukuthi sibe amalungu amaqembu ezepolitiki. Waqala ukwenza lo msebenzi ngo-2005 ngakho akasekho nje kwipolitiki.”
Uthe akazi futhi ukuthi kwakuzokwenzekani ukuba ababulali bafika behleli bonke endlini.
“Izingane zithukile ngoba zabona kubulawa uyise. Ena-11 kwabuye kwahlangana amehlo ayo nawabafana ngesikhathi iphuma lapho yayicashe khona,” kusho uNksz Zulu.
Izolo abaholi abahlukene bebengena bephuma emzini kaMaxhakana bezobhonga emswaneni. UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uvakashele umndeni eyowukhalisa ngokwenzekile.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe akukaboshwa muntu.