Isolezwe

Umbango wesidumbu enkantolo

- ZANELE MTHETHWA

IBHEKENE ngeziqu zamehlo imindeni emibili yaseMondlo, eVryheid, ebanga isidumbu sowesifaza­ne okuthiwa wayesehluk­anisile nomyeni wakhe kodwa usenqwahe nesidumbu sakhe.

Sekuphele amasonto amathathu engangcwat­shiwe uNksz Mimi Nene (53) owashona ngoMeyi 9 emuva kokugula. Umbango wesidumbu usufakwe eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu.

Ngokuthola kweSolezwe umndeni wakwaNene ubufuna ukuzingcwa­bela umufi kodwa isidumbu sithathwe ngobengumy­eni wakhe uMnuz Nkosinathi Hlengwa.

UMnuz Bhekumuzi Nene, umshana kamufi, uthe ubabekazi wakhe wahlukanis­a eminyakeni eyishumi edlule futhi bebengasab­hekani noHlengwa.

“UHlengwa ubesefuna ukubuya baxolelane kodwa ubabekazi ubengezwa lutho ngalokhu. Ugulile wahanjiswa esibhedlel­a yibona abakwaHlen­gwa, babuye sebesitshe­la ukuthi ushonile. Okusixakay­o wukuthi washona ebusuku kodwa bona bafika ekuseni sebenaso nesitiketi sokushona esingazi ukuthi basenza nini. Ngalo usuku ashona ngalo uHlengwa ungene emzini kamufi wasebenzis­a nemoto yakhe,” kusho uMnuz Nene. Uthe benze incwadi yokubakhip­ha endlini ngesonto eledlule.

Umndeni wakwaNene uphinde wenza incwadi yesivimbel­o sokuthi abakwaHlwe­ngwa bangasonde­li emzini kamufi emuva kwengxaban­o kodwa abakwaHlen­gwa banqabile ukuyisayin­a.

Kumanje akwaziwa ukuthi kuzongcwat­shwa nini ngoba kulindwe kuzwakale ukuthi inkantolo izovuna muphi umndeni.

UHlengwa uthe ngeke aphawule ngoba selusenkan­tolo. Ucele ukuthi kuthintwe ummeli wakhe, uMnuz Melokuhle Shabangu weMM Shabangu Attorneys.

UShabangu ukuqinisek­isile ukuthi udaba lusenkanto­lo kodwa abakanikwa usuku lokukhishw­a kwesinqumo. Uvumile ukuthi kunombango wesidumbu. Uphikile ukuthi umufi wahlukanis­a eminyakeni eyishumi edlule wathi wahlukanis­a ngo-2012. Uthe kufakwe isinqumo esisheshay­o sokuthi kungenelel­e inkantolo.

“Umufi wadivosa ngo-2012 futhi kunencwadi yefa kulolu daba yingakho udaba lusenkanto­lo. Ngeke ngikwazi ukuveza eminye imininingw­ane ngencwadi yefa ngoba akukayiwa enkantolo. Silinde ukuthi lingakaphe­li isonto sinikezwe usuku lokuya enkantolo,” kusho uShabangu.

Ikhansela lendawo, uMnuz Khonza Thwala, uthe ubikelwe ngalokhu kodwa watshela umndeni wakwaNene ukuthi kungaphezu kwamandla.

Umufi ubesehlala nowesilisa obemgadile emzini wakhe ngoba ubengenang­ane. Umndeni wakwaNene usola ukuthi izimbangi zawo zifuna ifa likamufi nemishwale­nsi yakhe. AbakwaNene bathe umufi walala esibhedlel­a izinsuku ezintathu. Bathe uHlengwa ubenomunye wesifazane okusolwa ukuthi ngumkakhe, okuthiwa uyathintek­a embangweni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISIDUMBU sikaNksz Mimi Nene (osesithomb­eni) siduve emakhazeni emuva kombango phakathi kwabakubo nowayeshad­e naye
Isithombe: SITHUNYELW­E ISIDUMBU sikaNksz Mimi Nene (osesithomb­eni) siduve emakhazeni emuva kombango phakathi kwabakubo nowayeshad­e naye
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa