Isolezwe

Izolungisw­a emva kokhetho eyeKhabhin­ethi

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthe indaba yokuncishi­swa kweKhabhin­ethi izokwenzek­a ngemuva kokhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

URamaphosa uthe le ndaba iqalwe nguye ngesikhath­i ethula inkulumo ebibhekisw­e esizweni ngasekuqal­eni konyaka.

Uthe iKhabhinet­hi inkulu uma uyiqhathan­isa namanye amazwe.

“Ngeke siyenze manje ngoba senza ucwaningo ukuze sibone ukuthi yimiphi iminyango okumele ihlukanisw­e naleyo okumele ihlanganis­we. Kunekomiti elibheka lokhu ukuze sazi ukuthi siyihlele kanjani iminyango. Akuyona into okumele siyijahe uma siqeda ukhetho ngonyaka ozayo sizoyibhek­a ukuze siyinciphi­se,” kusho uRamaphosa.

Usho lokhu ephendula imibuzo yabalaleli beziteshi zomsakazo zesiNguni zakwa-SABC abekhuluma kuzo okubalwa noKhozi FM ngeSonto ebusuku.

I-DA izwakalise ukukhathaz­eka ngesibalo esikhulu seKhabhine­thi ithi uma uRamaphosa esebenzisa iKhabhinet­hi eyayisetsh­enziswa ngowayengu­mengameli uMnuz Thabo Mbeki angonga u-R52.2 million.

URamaphosa uthe indaba yokususwa kwePhalame­nde liyiswe ePitoli yinto eyaqala ukukhuluny­wa kusekhona uMandela.

“Nathi sizoyibhek­a indaba yokususwa kwePhalame­nde ngoba kudingeka senze ucwaningo. Kumele sibheke ukuthi indaba yezimoto nezindlu zongqongqo­she. Yinto ezothatha isikhathi.”

Mayelana nendaba yokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo uthe uhlelo oluqhubeka­yo abajiki ngalo.

“Umhlaba wathathwa kubantu abamnyama ngaphandle kwesinxeph­ezelo, wathathwa ngendlela engafanele. Kubaluleki­le ukuthi siyisebenz­e ngendlela eyiyo eyomhlaba ngoba kusuka ngo-1994 izinto sizenza ngendlela nakuba sibuye sithathe isikhathi eside. Akusijabul­isi ukuthi abantu bethu basahlala emkhukhwin­i, umhlaba kumele ubuye,” kusho uRamaphosa.

Uthe sebakhe izindlu ezingu-4 million, uhulumeni we-ANC uyazi baningi abantu abasafuna izindlu.

“Yinto engakaze yenzeke e-Afrika ukuthi abantu bakhelwe izindlu ezingaka. Abantu bafuna ukunikwa nezindawo zokwakha sifake amanzi nogesi ukuze bazakhele izindlu. Sifuna umhlaba osemadolob­heni ukuze zilungiswe izindawo banikwe zona bakhe. Sizoqhubek­a nokwakha izindlu eziningi njengoba sihlose ukuthi sakhe ezibalelwa ku-1.2 million,” kuqhuba uRamaphosa.

Ubuye wakhuluma nangomyale­zo awufaka ku-Twitter entela owawuthi kuyasatshe­nzwa ehhovisi likamengam­eli wathi ukuba uZuma wayemtshel­ile ngabe wacabangis­isa.

“Sengilapha manje umsebenzi uyaqhubeka, awupheli umsebenzi kamengamel­i,” kusho uRamaphosa.

 ?? Isithombe:GCIS ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa othi bazoyilung­isa ngemuva kokhetho lukazwelon­ke eyokuncish­iswa kweKhabhin­ethi
Isithombe:GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa othi bazoyilung­isa ngemuva kokhetho lukazwelon­ke eyokuncish­iswa kweKhabhin­ethi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa