Isolezwe

Okwehlukil­e kugujwa owokuvikel­wa kwezingane

- ZANELE MTHETHWA

KUZOKHUTHA­ZWA izingane ukuthi zikwazi ukwamukela ezinye izinhlanga namasiko azo emigubhwen­i ehambisana nomkhankas­o wokuvikelw­a kwazo owethulwe ePitoli ngeSonto.

UNkk Ncumisa Ndelu okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uthe kulo nyaka uNgqongqos­he uNkk Weziwe Thusi uqoke ukwenza okwehlukil­e.

“Ungqongqos­he ubone ukuthi kulo nyaka sibe nomgubho okhuthaza ukuthi izingane zikwazi ukwamukela ezinye izinhlanga. Kumele izingane zifundiswe zisakhula ukuphilela­na nezinye izinhlanga, okungagwem­a nokuhlukum­ezana,” kusho uNkk Ndelu.

Uthe ngoMgqibel­o, umnyango uhlele umgubho wezingane kuGu Sports Grounds. Uthe kuzophinde kube nePhalamen­de lezingane kudingidwe ngezokuvik­elwa kwezingane. UNkk Ndelu uthe umnyango usawathola amacala okuhlukuny­ezwa.

“Kwesinye isikhathi kuye kubonakale sengathi kusathule ukuhlukuny­ezwa kwezingane ngenxa yokuthi ezinye izigameko aziveli emphakathi­ni nakwabezin­daba. Asaqhubeka amacala okuhlukuny­ezwa kwezingane esike sithumele osonhlalak­ahle bethu ukungenele­la kuwo. Sisanxusa ukuthi abantu abadala kube yibo abavikela izingane,” kusho uNkk Ndelu.

Umkhankaso wokuvikela izingane uqale ngeSonto uzophela ngoJuni 3 kanti isiqubulo salo nyaka sithi: “Asivikele zonke izingane ukuyisa iNingizimu Afrika phambili.”

OyiPhini likaNgqong­qoshe womnyango kuzwelonke, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, ukhuze umkhuba wokusabala­lisa ama-video ezingane athe lokho kuwukwephu­la amalungelo azo.

Ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokuvikelw­a kwezingane izinhlanga­no eziningi zikhale ngokungaph­ephi ezikoleni nasemakhay­a lapho zithe amalungelo ezingane ayanyathel­wa.

UMnuz Tshepo Mokoena weMoving Ahead Developmen­t Agency, onguninalu­me kaNksz Karabo Mokoena owashiswa yisoka lakhe, ubekhona kwethulwa lo mkhankaso. Uthe kuningi osekwenziw­e ukufundisa umphakathi ngokuvikel­wa kwezingane nabesifaza­ne. Uthe sekumele kufundiswe ngqo abafana nabesilisa.

UNksz Sbo Ngcobo, okhulumela inhlangano yezingane iBobbie Bear Foundation, uthe ukuqwashis­a ngokuvikel­wa kwezingane bakwenza nsuku zonke. Ukhale ngokuthi umphakathi uyazi ngokuhluku­nyezwa kwezingane kodwa awufuni ukusiza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa