Okwehlukile kugujwa owokuvikelwa kwezingane
KUZOKHUTHAZWA izingane ukuthi zikwazi ukwamukela ezinye izinhlanga namasiko azo emigubhweni ehambisana nomkhankaso wokuvikelwa kwazo owethulwe ePitoli ngeSonto.
UNkk Ncumisa Ndelu okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe kulo nyaka uNgqongqoshe uNkk Weziwe Thusi uqoke ukwenza okwehlukile.
“Ungqongqoshe ubone ukuthi kulo nyaka sibe nomgubho okhuthaza ukuthi izingane zikwazi ukwamukela ezinye izinhlanga. Kumele izingane zifundiswe zisakhula ukuphilelana nezinye izinhlanga, okungagwema nokuhlukumezana,” kusho uNkk Ndelu.
Uthe ngoMgqibelo, umnyango uhlele umgubho wezingane kuGu Sports Grounds. Uthe kuzophinde kube nePhalamende lezingane kudingidwe ngezokuvikelwa kwezingane. UNkk Ndelu uthe umnyango usawathola amacala okuhlukunyezwa.
“Kwesinye isikhathi kuye kubonakale sengathi kusathule ukuhlukunyezwa kwezingane ngenxa yokuthi ezinye izigameko aziveli emphakathini nakwabezindaba. Asaqhubeka amacala okuhlukunyezwa kwezingane esike sithumele osonhlalakahle bethu ukungenelela kuwo. Sisanxusa ukuthi abantu abadala kube yibo abavikela izingane,” kusho uNkk Ndelu.
Umkhankaso wokuvikela izingane uqale ngeSonto uzophela ngoJuni 3 kanti isiqubulo salo nyaka sithi: “Asivikele zonke izingane ukuyisa iNingizimu Afrika phambili.”
OyiPhini likaNgqongqoshe womnyango kuzwelonke, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, ukhuze umkhuba wokusabalalisa ama-video ezingane athe lokho kuwukwephula amalungelo azo.
Ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokuvikelwa kwezingane izinhlangano eziningi zikhale ngokungaphephi ezikoleni nasemakhaya lapho zithe amalungelo ezingane ayanyathelwa.
UMnuz Tshepo Mokoena weMoving Ahead Development Agency, onguninalume kaNksz Karabo Mokoena owashiswa yisoka lakhe, ubekhona kwethulwa lo mkhankaso. Uthe kuningi osekwenziwe ukufundisa umphakathi ngokuvikelwa kwezingane nabesifazane. Uthe sekumele kufundiswe ngqo abafana nabesilisa.
UNksz Sbo Ngcobo, okhulumela inhlangano yezingane iBobbie Bear Foundation, uthe ukuqwashisa ngokuvikelwa kwezingane bakwenza nsuku zonke. Ukhale ngokuthi umphakathi uyazi ngokuhlukunyezwa kwezingane kodwa awufuni ukusiza.