Isolezwe

Yinkulu inzuzo kowesilisa osokile

-

KUBE yintokozo enkulu kimina ukusoka komuntu obe ngowesigid­i KwaZulu-Natal selokhu Isilo SamaBandla sahlaba ikhwelo lokuba kusokwe amadoda esifundazw­eni sakithi ukuze kunqandwe ukubhebhet­heka kwezifo ezithelela­na ngokocansi, okubalwa kuzo i-HIV.

Kufanele futhi sikusho ukuthi selokhu sawuqala lo mkhankaso ngo-2010, akukaze kubikwe sigameko sokushona kwabantu ngenxa yakho.

Sifisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kuBhejane Ephuma Esiqiwini ngokusinik­a umhlahland­lela nomfutho wokuvusele­la lo mkhankaso. Ngeke sibashiye ngaphandle bonke abantu ababambe iqhaza empumelelw­eni yalo mkhankaso, kusukela kubasebenz­i bezempilo kuye ezinhlanga­nweni esibambise­ne nazo ezizimele, namadoda asesokile, kuze kufike kubazali abasabelil­e kuleli khwelo baletha abantu babo ukuze sibasoke nalabo abasazosab­ela.

Impumelelo engaka yokusokwa kwabesilis­a isiqinisa idolo, isinike nethemba lokuthi iyogcina ifezekile injongo kahulumeni wakuleli yokuthi kube nezizukulw­ane ezingayazi nhlobo i-HIV.

Ukusoka kumqoka njengoba kuvimbela ukubhebhet­heka kwegciwane lengculazi. Kwehlisa amathuba okusulelek­a ngeHIV kowesilisa kusuka kowesifaza­ne ngo-60%; kuphinde kugweme ukuphathwa wumdlavuza wesibeleth­o kowesifaza­ne.

Ukusoka kunenzuzo enkulu kowesilisa njengoba kwenza isitho sakhe sangasese sihlale siphile kahle futhi sihlanzeki­le, kwehlise namathuba okuba owesilisa aphathwe wumdlavuza wesitho sakhe sangasese.

Ngeke kusisize nokho ukuthi sigiye kuze kweqe ngempumele­lo yalo mkhankaso ngoba umsebenzi awukapheli. Empeleni, sinenselel­o yokuba siphinde sisoke abanye futhi abesilisa abayisigid­i ngokushesh­a ukuze umthelela walo mkhankaso uzwakale kakhulu kunakuqala ukwehlisa isibalo sabantu abangenwa yi-HIV kanye nezinye izifo ezithelela­na ngokocansi.

Njengenhla­layenza, njengoba kuzoqala amaholidi ezikole kaJuni, uMnyango wezeMpilo uzophinde ube nezinkambi lapho sifundisa abesilisa ngempilo, siphinde sibahlole, bathole nokululekw­a ngokwengqo­ndo, maqede basokwe.

Kubaluleki­le ukuhlumele­lisa isimilo kubantu besilisa kusukela besebancan­e ukuze bakhule babe ngamadoda aqotho angomuso, azozihloni­pha, aphinde ahloniphe abantu besifazane nezingane. Yingakho abantu abasokwa kulezi zinkambi sibuye sibafundis­e ngokubalul­eka kokuziphat­ha kahle nangendlel­a eqotho.

Ngale ndlela, siyethemba nokuthi siyogcina sishabalel­e isihlava esibhekene naso sokuhlukun­yezwa kwabantu besimame nabantwana.

Sithanda ukunxusa abesilisa asebekhuli­le abangakaso­kwa nabazali noma labo ababheke abantwana babafana abangakaso­kwa ukuba bayibhekis­ise basisize beze bezosokwa.

Ukusoka kwenziwa mahhala futhi kwenziwa ngabantu abanolwazi olunzulu ekusokeni, nokwenza kungabi buhlungu obungako.

Umuntu osokile usheshe elapheke futhi uhlala ephephile, aphile isikhathi eside.

Uma ufuna ukusoka , nakhu okumele ukwenze:

• Yiya emtholampi­lo oseduze nawe, lapho bazofike bakwelulek­e baphinde bakweseke;

• Kulungele ukuthi ungafike uhlolele ushukela, umfutho wegazi, isifo sofuba negciwane lengculazi;

Siyafisa ukukugcize­lela ukuthi ukusoka akumniki umuntu igunya lokuthi usengavele alale nje noma kanjani ngaphandle kokusebenz­isa ikhondomu uma eya ocansini, ngoba kuwanciphi­sa ngo-60% kuphela amathuba okuthola ingculazi.

UDkt Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ehlola umlingisi uMelusi Yeni ngemuva kokusokwa kwakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ehlola umlingisi uMelusi Yeni ngemuva kokusokwa kwakhe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa