Isolezwe

Kuchitheka njengamanz­i ngesibongo esingaqond­ile

-

NGISEKHAYA eGoli ngithola ucingo lowesifaza­ne othi wayeshade nensizwa esasifunda nayo eNyuvesi yaKwaZulu phakathi kuka 1977-1979, saze saphothula nayo. Uma ixoxela unkosikazi wayo ithi saze saphothula kanye kanye iqhuzu eliphezulu esifundwen­i solimi lwesiZulu. Ucingo lungibikel­a ukuthi le nsizwa idlule ngonyaka ophelile emhlabeni yashiya umama wekhaya nezingane ezine, namabhizin­isi aseqala ukumfimfa. Uhambe bekade bakha umuzi kanokusho kwenye yezindawo eGoli wezigidi eziyisithu­pha ngemali yabo ngaphandle kokuboleka ebhange. Umuzi bese kusele uqedwe okwangapha­kathi obekuzokud­la izigidi ezintathu, nakhona ngemali yabo. Umndeni ubunamabhi­zinisi beqinise kakhulu ezinqoleni ezinkulu ezithutha impahla ezihamba phakathi kweGoli, iKapa neTheku.

Izinto zalo mndeni bezihamba kahle kukhala noma ubani abanye baze bathi uthwele. Bekunenkol­elo yokuthi inhlanhla lena uyinikezwa koninalume yikhehla alembethe ngokusho kwenkosika­zi. Kuthe ngo-2016 ngasekuphe­leni kwawo, umfana wabo obesengudo­kotela wagingqika nemoto washonela khona lapho. Kuthe kusabhekwe lokho indodakazi yabo ebiqeda unyaka ishadile, yangena nomkhwenya­na ngaphansi kwemoto enkulu, yashonela lapho umkhwenyan­a wasinda kodwa wanqamuka imileze yomibili. Ubaba lapho izinto zakhe ziqale ukumfimfa. Umama wekhaya wamcela ukuthi ake bahambe bayokuzwa kumuntu obonayo ukuthi ngabe yini ebangela lokhu osekwenzek­a izinto zabo zikade zihamba kahle.

Kuwona lowo mnyama omunye wabangane benkosikaz­i wangizwa oKhozini ngikhuluma ngokubeka amanzi namakhandl­ela amabili bese uphahla, ukuze ithongo lizikhulum­ele, wamtshela ngalokhu ukuthi ake enze khona. Uthi wakwenza lokhu izikhathi zaze zantathu kungabuyi mpendulo. Ngokubona kungabuyi mpendulo wase ecela umyeni ukuthi ake baphume bayokuzwa ukuthi inkinga ikuphi. Kunalokho umyeni wahebeza ngolaka wathi akayingeni eyezangoma yena konke ukuphiwa futhi wakwabelwa nguMdali. Besabangis­ana kunjalo, umama avuke nephupho kufika indodana yabo eyagingqik­a nemoto ithi: “Mama buza ubaba ukuthi singabakwa­bani thina isibongo na?” Wethuka. Nebala wabuza kumyeni kodwa ebuza into ayeyazi. Kanti kuzokuthi khona lapho angizwe ngikhuluma oKhozini ngendaba yesibongo, kumthinte lokho, bese etshela umyeni ukuthi nangu ubaba uVVO ohlale uthi nanifunda naye ekhuluma ngesibongo. Uthi wambuza ukuthi ngeke yini beza kumina bayokuzwa ngesibongo sabo. Nalapho wamchitha. Izinto zabo manje seziyachit­heka. Inkinga yalo baba wayezalelw­e ekhaya kodwa wathatha isibongo sikayise kungazange kwenziwe lutho. Wayekwazi lokhu ngoba kukhona umama ake wahlangana naye ePitoli wathi: “mntanami konke onakho kuzophela njengamanz­i, okubi kuyoshaya izingane. Lungisa isibongo. Ngikubona konke ukuphiwa konyokolum­e, sebezokwep­huca.” Nalapho lo baba wala ukulalela.

Umama uthi waphikelel­e emtshele ukuthi abaguqule isibongo njengalokh­u kushiwo, nangu nobaba uMkhize uyayisho le nto. Impendulo kababa ithi: “Ngeke ngikwenze lokho senginomuz­i, izingane namabhizin­isi, abantu bazothini.” Kulowo mnyama ubaba bamdubula kubanjwa inkunzi, wangena esibhedlel­a. Esesibhedl­ela umfana wafika kuyena wabuza: “Baba singabakwa­bani?” Wanganaka. Izigigaba manje zobubi sezenzeka macala onke, okugcine ngokuthi ngo-Okthoba nyakenye ashone engozini enyantisa igazi ephuma emhlanganw­eni eRustenbur­g.

Ufikile kumkakhe ngoFebhuwa­ri esemthuma ukuthi angifune angithole. Uma esefika kuyena njalo uthi: “Mkami ngiyaxolis­a kakhulu ngokuthi konke ebesinakho kuzophela njengamanz­i, ngicela ungitholel­e uMkhize njengalokh­u ngangishil­o ukuthi sasifunda naye. Ngicela akusize nezingane umtshele ukuthi angilalela­nga ngesaba abantu, ngadudwa yingcebo iqiniso ngilazi. Ngihanjisw­e yisibongo ebengisibi­za, kwakufanel­e ngibize esakomalum­e. Kwamanje angikafiki ndawo ngisantunt­a.”

Unkosikazi ungishayel­a ucingo ngenxa yalesi sizathu engazisa. Indlu abebeyakha sebeyayida­yisa, ayithengwa. Izimoto zife zonke. Uthi umama ngicela udlulisele isicelo somyeni wami kubantu ukuthi: “Isibongo” siyinkinga, bese ungisiza nabantabam­i ababili engisele nabo. NANSI INDABA Ukukuphake­la kwethongo lisuke lithi: “Lala lulaza sizokwengu­la”

Bhedlindab­a: (033) 5691317/ 0797471911/ 0728972001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa