Kuchitheka njengamanzi ngesibongo esingaqondile
NGISEKHAYA eGoli ngithola ucingo lowesifazane othi wayeshade nensizwa esasifunda nayo eNyuvesi yaKwaZulu phakathi kuka 1977-1979, saze saphothula nayo. Uma ixoxela unkosikazi wayo ithi saze saphothula kanye kanye iqhuzu eliphezulu esifundweni solimi lwesiZulu. Ucingo lungibikela ukuthi le nsizwa idlule ngonyaka ophelile emhlabeni yashiya umama wekhaya nezingane ezine, namabhizinisi aseqala ukumfimfa. Uhambe bekade bakha umuzi kanokusho kwenye yezindawo eGoli wezigidi eziyisithupha ngemali yabo ngaphandle kokuboleka ebhange. Umuzi bese kusele uqedwe okwangaphakathi obekuzokudla izigidi ezintathu, nakhona ngemali yabo. Umndeni ubunamabhizinisi beqinise kakhulu ezinqoleni ezinkulu ezithutha impahla ezihamba phakathi kweGoli, iKapa neTheku.
Izinto zalo mndeni bezihamba kahle kukhala noma ubani abanye baze bathi uthwele. Bekunenkolelo yokuthi inhlanhla lena uyinikezwa koninalume yikhehla alembethe ngokusho kwenkosikazi. Kuthe ngo-2016 ngasekupheleni kwawo, umfana wabo obesengudokotela wagingqika nemoto washonela khona lapho. Kuthe kusabhekwe lokho indodakazi yabo ebiqeda unyaka ishadile, yangena nomkhwenyana ngaphansi kwemoto enkulu, yashonela lapho umkhwenyana wasinda kodwa wanqamuka imileze yomibili. Ubaba lapho izinto zakhe ziqale ukumfimfa. Umama wekhaya wamcela ukuthi ake bahambe bayokuzwa kumuntu obonayo ukuthi ngabe yini ebangela lokhu osekwenzeka izinto zabo zikade zihamba kahle.
Kuwona lowo mnyama omunye wabangane benkosikazi wangizwa oKhozini ngikhuluma ngokubeka amanzi namakhandlela amabili bese uphahla, ukuze ithongo lizikhulumele, wamtshela ngalokhu ukuthi ake enze khona. Uthi wakwenza lokhu izikhathi zaze zantathu kungabuyi mpendulo. Ngokubona kungabuyi mpendulo wase ecela umyeni ukuthi ake baphume bayokuzwa ukuthi inkinga ikuphi. Kunalokho umyeni wahebeza ngolaka wathi akayingeni eyezangoma yena konke ukuphiwa futhi wakwabelwa nguMdali. Besabangisana kunjalo, umama avuke nephupho kufika indodana yabo eyagingqika nemoto ithi: “Mama buza ubaba ukuthi singabakwabani thina isibongo na?” Wethuka. Nebala wabuza kumyeni kodwa ebuza into ayeyazi. Kanti kuzokuthi khona lapho angizwe ngikhuluma oKhozini ngendaba yesibongo, kumthinte lokho, bese etshela umyeni ukuthi nangu ubaba uVVO ohlale uthi nanifunda naye ekhuluma ngesibongo. Uthi wambuza ukuthi ngeke yini beza kumina bayokuzwa ngesibongo sabo. Nalapho wamchitha. Izinto zabo manje seziyachitheka. Inkinga yalo baba wayezalelwe ekhaya kodwa wathatha isibongo sikayise kungazange kwenziwe lutho. Wayekwazi lokhu ngoba kukhona umama ake wahlangana naye ePitoli wathi: “mntanami konke onakho kuzophela njengamanzi, okubi kuyoshaya izingane. Lungisa isibongo. Ngikubona konke ukuphiwa konyokolume, sebezokwephuca.” Nalapho lo baba wala ukulalela.
Umama uthi waphikelele emtshele ukuthi abaguqule isibongo njengalokhu kushiwo, nangu nobaba uMkhize uyayisho le nto. Impendulo kababa ithi: “Ngeke ngikwenze lokho senginomuzi, izingane namabhizinisi, abantu bazothini.” Kulowo mnyama ubaba bamdubula kubanjwa inkunzi, wangena esibhedlela. Esesibhedlela umfana wafika kuyena wabuza: “Baba singabakwabani?” Wanganaka. Izigigaba manje zobubi sezenzeka macala onke, okugcine ngokuthi ngo-Okthoba nyakenye ashone engozini enyantisa igazi ephuma emhlanganweni eRustenburg.
Ufikile kumkakhe ngoFebhuwari esemthuma ukuthi angifune angithole. Uma esefika kuyena njalo uthi: “Mkami ngiyaxolisa kakhulu ngokuthi konke ebesinakho kuzophela njengamanzi, ngicela ungitholele uMkhize njengalokhu ngangishilo ukuthi sasifunda naye. Ngicela akusize nezingane umtshele ukuthi angilalelanga ngesaba abantu, ngadudwa yingcebo iqiniso ngilazi. Ngihanjiswe yisibongo ebengisibiza, kwakufanele ngibize esakomalume. Kwamanje angikafiki ndawo ngisantunta.”
Unkosikazi ungishayela ucingo ngenxa yalesi sizathu engazisa. Indlu abebeyakha sebeyayidayisa, ayithengwa. Izimoto zife zonke. Uthi umama ngicela udlulisele isicelo somyeni wami kubantu ukuthi: “Isibongo” siyinkinga, bese ungisiza nabantabami ababili engisele nabo. NANSI INDABA Ukukuphakela kwethongo lisuke lithi: “Lala lulaza sizokwengula”
Bhedlindaba: (033) 5691317/ 0797471911/ 0728972001.