Yeka uShembe asebenze Mvelase
MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngike ngikhanyisele umfo kaMvelase ozibize ngoMtho waseMlaza mayelana nombono awukhiphe ephephandabeni langomhla ka-22 kule nyanga ekhuluma ngecala lobuholi bebandla lamaNazaretha.
Okungethusile kakhulu ngodaba lwakhe wukuthi ukhombisa ukuthi ungumuntu ohlakaniphile ozaziyo nezinto eziphathelene nomthetho.
Noma kunjalo ngivele ngaxakwa yindlela ahlaziye ngayo leli cala ngaxakwa nawulwazi analo ngendaba ethinta ibandla. Indaba yokuthi abaholi bakhuluma nezintatheli ngeke ngayinaka ngoba ngicabanga ukuthi ubenzela ukuthi kugcwale iphepha abebhala kulona.
Indaba yobudlelwano benkosi yasemaQadini nabaholi bebandla ayikaze iphikwe futhi kusukela kuMqaliwendlela kuze kufike oThingweni ubukhosi bamaQadi buhlonishwa kakhulu ebandleni ngoba ikomkhulu lebandla lamaNazaretha lisesizindeni samaQadi. NeBhayibheli liyakukhuthaza ukuhlonishwa kwamakhosi futhi noShembe wakufundisa lokho.
Alikho iJaji kulawa amathathu ayehlalele icala elake lakhipha isinqumo esithi kwakungekho ukusondelana koThingo nenkosi yasemaQadini.
Ngiyafisa ukuthi uMvelase angakulibali ukuthi iQadi lifakaza enkantolo lathi inkosi iLanga yashiya indodana yayo uLonda (Phasha) ukuba ahole ibandla. Lokho kukhomba ngokusobala ukuthi inkosi yamaQadi ingufakazi ongathembekile futhi ayikaze ilazise ibandla ukuthi kukhona eyakukhuluma noThingo yaze yakusho ngoba seyelulekwe abameli ngoba isibona ukuthi ayinawo amandla okubeka umholi.
Endabeni yokukhethwa kobuholi uzwakala enhlanhlatha uMvelase. Kuleli bandla akukaze kusale kungenamholi. Uma kukhothama umholi kuhlala omunye ngaleso sikhathi osuke ekhonjwe ngokhotheme.
Manje-ke siyavumelana noMvelase kwelokuthi uThingo lwashiya iMisebeyelanga.
Ukuthi icala baledlulisa kwakungasho ukuthi isinqumo sasingekho njengoba sagcina sivune Imisebe. Izifiso neqiniso akuhambisani Mvelase ngoba wena ufisa sengathi lolu daba lungakhulunyelwa phansi kwezihlahla kanti cha ngeke kwenzeka kanjalo. Mvelase yehlisa umoya ubukele uShembe enza umsebenzi wakhe.