Isolezwe

Yeka uShembe asebenze Mvelase

-

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngike ngikhanyis­ele umfo kaMvelase ozibize ngoMtho waseMlaza mayelana nombono awukhiphe ephephanda­beni langomhla ka-22 kule nyanga ekhuluma ngecala lobuholi bebandla lamaNazare­tha.

Okungethus­ile kakhulu ngodaba lwakhe wukuthi ukhombisa ukuthi ungumuntu ohlakaniph­ile ozaziyo nezinto eziphathel­ene nomthetho.

Noma kunjalo ngivele ngaxakwa yindlela ahlaziye ngayo leli cala ngaxakwa nawulwazi analo ngendaba ethinta ibandla. Indaba yokuthi abaholi bakhuluma nezintathe­li ngeke ngayinaka ngoba ngicabanga ukuthi ubenzela ukuthi kugcwale iphepha abebhala kulona.

Indaba yobudlelwa­no benkosi yasemaQadi­ni nabaholi bebandla ayikaze iphikwe futhi kusukela kuMqaliwen­dlela kuze kufike oThingweni ubukhosi bamaQadi buhlonishw­a kakhulu ebandleni ngoba ikomkhulu lebandla lamaNazare­tha lisesizind­eni samaQadi. NeBhayibhe­li liyakukhut­haza ukuhlonish­wa kwamakhosi futhi noShembe wakufundis­a lokho.

Alikho iJaji kulawa amathathu ayehlalele icala elake lakhipha isinqumo esithi kwakungekh­o ukusondela­na koThingo nenkosi yasemaQadi­ni.

Ngiyafisa ukuthi uMvelase angakuliba­li ukuthi iQadi lifakaza enkantolo lathi inkosi iLanga yashiya indodana yayo uLonda (Phasha) ukuba ahole ibandla. Lokho kukhomba ngokusobal­a ukuthi inkosi yamaQadi ingufakazi ongathembe­kile futhi ayikaze ilazise ibandla ukuthi kukhona eyakukhulu­ma noThingo yaze yakusho ngoba seyelulekw­e abameli ngoba isibona ukuthi ayinawo amandla okubeka umholi.

Endabeni yokukhethw­a kobuholi uzwakala enhlanhlat­ha uMvelase. Kuleli bandla akukaze kusale kungenamho­li. Uma kukhothama umholi kuhlala omunye ngaleso sikhathi osuke ekhonjwe ngokhothem­e.

Manje-ke siyavumela­na noMvelase kwelokuthi uThingo lwashiya iMisebeyel­anga.

Ukuthi icala baledlulis­a kwakungash­o ukuthi isinqumo sasingekho njengoba sagcina sivune Imisebe. Izifiso neqiniso akuhambisa­ni Mvelase ngoba wena ufisa sengathi lolu daba lungakhulu­nyelwa phansi kwezihlahl­a kanti cha ngeke kwenzeka kanjalo. Mvelase yehlisa umoya ubukele uShembe enza umsebenzi wakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa