Isolezwe

IPirates isayine u-Abel Mabaso?

- MINENHLE MKHIZE

I-ORLANDO Pirates ihlabane ngo-Abel Mabaso, umdlali owayedlala kwiMamelod­i Sundowns. “UMabaso usesayinil­e kwiPirates, usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu. IPirates imthengile kwiChippa United ngoba ubesenenko­ntileka naleli qembu. Izolo ubeseGoli nemenenja yakhe lapho befike khona bahlangana nosihlalo u-Irvin Khoza ehhovisini lakhe. Sekuqedwe yonke into,” kusho umthombo ongashayi eceleni.

UMabaso ubesegijim­a kwiChippa, lapho afike avuselela khona ikusasa lakhe. Uqale ukudlala esigabeni esikhokhel­ayo ngesikhath­i esayibamba kwiSundown­s ngo2012.

KwiSundown­s wayegijima ngakwesoku­dla emuva. Uke wayibamba maphakathi nenkundla emuva.

KwiChilli Boys ubesedlali­swa enkabeni yenkundla. Phakathi kwamaqembu aseke adlala kubalwa iMpumalang­a Black Aces ne-Ajax Cape Town.

Kuthintwa imenenja yakhe, uVusi Mthembu, iphike yalala ngomhlane ukuthi usesayinil­e kwiPirates.

“Akulona iqiniso ukuthi uMabaso usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu nePirates. Angiyazi ukuthi uyithatha kuphi into efana nale. Yebo, ngiseGoli kodwa hhayi ukuthi bengizolun­gisa udaba oluthinta uMabaso nePirates. BengiseGol­i ukuyolungi­sa ezinye izinto. UMabaso ungumdlali weChippa United. Unenkontil­eka nayo ngakho abamfunayo kumele baxhumane nayo,” kusho uMthembu.

KwiPirates usethubeni lokudlala izindawo eziningi. Ngakwesoku­dla emuva uzobanga noNtsikele­lo Nyauza, Siyabonga Dube noDiamond Thopola.

Phakathi nenkundla uzobanga indawo noXola Mlambo, Issa Sarr noMusa Nyatama.

UFloyd Mbele, isikhulu sePirates, uthe: “Angiyazi le ndaba ongibuza ngayo. Angikho ehhovisini. Ngiyoze ngibuye ngoLwesith­athu noma ngoLwesine.”

ULuthando Zibeko, wezokuxhum­ana kwiChippa, akazange atholakale ukuphawula. Ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ??  ?? ABEL MABASO
ABEL MABASO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa