Akazisoli ngokubuyela kwiChippa
AKAYIBONI nencane inkinga uDan “Dance” Malesela ekubuyeleni ukuyodansela isiginci sikasihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi.
I-United iveze ekhasini layo le-Twitter ngeSonto ntambama ukuthi isibuyise uMalesela njengomqeqeshi wayo wangesizini ezayo ngemuva kokuhlukana maphakathi nesizini edlule.
Ikwenze lokhu kusaphele cishe amasonto amabili kulona ikhasi layo kumenyezelwe ukuthi uVladislav Heric uzoqhubeka nokuqhoqhobala izintambo ngesizini ezayo ngemuva kokuthi ebeke iqembu endaweni yeshumi kwi-Absa Premiership.
UHeric okuthiwe usezohola isikhungo sokuthuthukiswa kwabadlali, wayethathe izintambo kuTebogo Moloi ngasekupheleni kwesizini owayesephikwa yimiphumela. UMoloi yena wathatha ngemuva kokuthi kukhonjwe indlela uMalesela ngoSepthemba ngemuva kokwehlulwa emidlalweni kwemithathu.
Akuqali ukuthi uMalesela ahambe abuye kwiChilli Boys njengoba phambilini eke “wanikwa ilivi eyisipesheli” wabuyiswa futhi.
“Kuyiqiniso (ukuthi ubuyela kwiChippa) sikhulumile nosihlalo sabonisana ngezizathu ezenza ngahamba kwasekuqaleni. Akuzange kuthathe ngisho isikhathi eside. Sabona ukuthi akukuningi esingavumelani ngakho,” kusho uMalesela.
Uthe ngokwengxoxo ababe nayo bavumelene ngamaszini amathathu. Ubesazoba nomhlangano noMpengesi kubhungwe kabanzi kanjalo nangemibandela azobekelwa yona njengomqeqeshi.
“Akukho mibandela. Kodwa ngokwami ngisuke laphaya ngingakathathi nendebe eyodwa. Angisho ukuthi ngizothatha izindebe kodwa ngingumuntu othandayo ukuphumelela. Ngiyabona ukuthi kukhona into eshodayo kulokhu engikuzuze neqembu, ukuqeda kwiTop 8, ukulifaka kowandulela owamanqamu okokuqala. Ngifuna ukubuyisa uhlobo lwebhola leChippa elithandwa ngabantu,” kusho uMalesela.
Uthe usesebenze kakhulu noMpengesi uyayiqonda kahle indlela ayiyona.
“Yimina umqeqeshi ohlale amasizini amaningi laphaya kunabanye, amabili. Ngimazi kahle. Ngiyamazi ukuthi uyindoda ethanda ukuphumelela. Kodwa iChippa ayilona iqembu elikhulu elikwazi ukukhipha imali lithenge noma yimuphi umdlali elimfunayo. Esizozibekela khona kuzoncika ohlotsheni lwabadlali esizoqala isizini sinabo.”
Uthe akuqali ngeChippa ukuthi kuphekwe kuthululwa kubaqeqeshi.
“Angazi ukuthi kungani abantu benaka iChippa. Amaqembu amaningi emhlabeni wonke ayabashintsha abaqeqeshi uma bengenzi kahle.”
UMpengesi uthintwe wathi akakhulumi nabezindaba.