Isolezwe

Uyocijwa phesheya oweTeam of Choice

- MINENHLE MKHIZE

UYOFUNDA phesheya kwezilwand­le umqeqeshi weMaritzbu­rg United uFadlu Davids.

Lo mqeqeshi wenze ezibukwayo ngesizini yakhe yokuqala njengomqeq­eshi ozimele. Unikwe izinto ngokugcwel­e ekuqaleni kwesizini esanda kusongwa.

Ngo-2016/2017 ubambe izintambo kwaze kwaphela isizini kulandela ukuhamba kukaRoger de Sa.

Usihlalo weMaritzbu­rg United uFarook Kadodia uthuse abaningi eqasha uDavids njengomqeq­eshi weqembu ekubeni engenaso isipiliyon­i.

Unikwe inkontilek­a yeminyaka emibili. Iqembu lisanda kuyelula ngeminye iminyaka emibili.

UKadodia nguyena oqinisekis­e izindaba zokuthi uDavids uyofunda phesheya kwezilwand­le.

“Ngesikhath­i ngiqasha uFadlu kwaba nemibuzo. Nokho ngangazi ukuthi uFadlu unothando lokwenza umsebenzi wakhe. Uzikhokhel­e yena ukuyokwenz­a izifundo ze-Uefa A License. Uthathe isikhathi sakhe sokuphumul­a nomndeni wakhe waya kofunda phesheya kwezilwand­le. UFadlu umfana weMuslim ngakho uhambe esebhanden­i lezinsuku ezintathu njengoba kuyisikhat­hi seRamadaan. Uzokwenza izifundo zakhe ngemuva kwalokho bese eyabuya,” kusho uKadodia. UDavids ukhona ohlwini lwabaqeqes­hi okuzoqokwa kubona umqeqeshi ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) namuhla ebusuku. Uzobanga lo mklomelo noPitso” Jingles “Mosimane weMamelodi Sundowns noMilutin Sredojevic we-Orlando Pirates. Ngesizini yakhe yokuqala uDavids ubeke iTeam of Choice endaweni yesine kwi-log okuyinto ebiqala ukuyizuza. Uphinde wafaka leli qembu kowamanqam­u weNedbank Cup lapho lithelwe khona othulini yiFree State Stars ngo 1-0.

KwiMTN 8 ufinyelele kowandulel­a owamanqamu walo mqhudelwan­o ohamba nesheke lika-R8 million.

UDavids kuvela ukuthi ukhona ohlwini lwabaqeqes­hi abafunwa yiSuperSpo­rt United. Lokhu kuthiwa yikona okwenze iTeam of Choice yamnika enye inkontilek­a yeminyaka emibili.

ISuperSpor­t ithungatha umqeqeshi omusha. Omunye umqeqeshi emfunayo nguLuc Eymael weFree State Stars.

UDavids uzovula neCape Town City ngesizini ezayo uma sekuqala iMTN 8. Iqembu eliqede endaweni yesine lizodlala neliqede endaweni yesihlanu.

I-United izodlalela ekhaya eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United uyoqhuba izifundo zakhe zokuqeqesh­a phesheya kwezilwand­le
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United uyoqhuba izifundo zakhe zokuqeqesh­a phesheya kwezilwand­le
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa