UMokgaladi akazimisele ngomqeqeshi
USIHLALO wePolokwane City, uJohnny Mokgaladi, akazimisele ukuqasha umqeqeshi omusha phezu kokuba engajabule ngomsebenzi kaBernard Molekwa ohluleke wancama ukubeka iqembu endaweni ehloniphekile.
UMokgaladi uphefumule okokuqala ngendaba yomqeqeshi emuva kokusabalala kwemibiko ehlanganisa iRise And Shine noRulani Mokwena oyiphini likaMilutin “Micho” Sredojevic kwi-Orlando Pirates. Ngesonto eledlule uMokwena uthe ukufunwa yiPolokwane kufana nento zifiso engeke yenzeke.
UMolekwa, obekade eyimenenja yeqembu, ubanjiswe isikhundla sokuqeqesha iRise And Shine maphakathi nesizini ka-2016/2017 emuva kokwesula kukaLuc Eymael. Unikezwe isikhundla ngokugcwele ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.
“Ungowuqala ukungifonela mayelana nale ndaba. Angimazi uRulani, angikaze ngikhulume naye futhi anginayo nenamba yakhe. URulani ungumqeqeshi wePirates. Kungani ngizofuna yena? URulani ungowePirates, angifuni kudaleke izinkinga,” kusho uMokgaladi.
“IPolokwane City inomqeqeshi, uBernard Molekwa. Kukhona yini okungalungile ngaye. Yini sizoze sifune omunye umqeqeshi ekhona? Angikaze ngisho ukuthi ngifuna umqeqeshi. Ufuna ngixoshe uBernard? Ngaphandleke uma kukhona okunye okwaziyo. UBernard usazoba ngumqeqeshi. Uhlale izinyanga eziwu-18. Uyena umqeqeshi osehlale isikhathi eside kunabo bonke.”
IPolokwane iqede endaweni ka-12 kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu awu-36. Ifinyelele kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout emuva kokwehlula iPirates. Ukuhamba ibanga elide kwiTelkom kweRise And Shine akumjabulisanga uMokgaladi obelokhu ekhathazekile ngokulengela ezembeni kwayo.
Okuhle okwenzekile kwiPolokwane wukuba nomgadli uRodne “Rama G” Ramagalela ozohlukaniselana umklomelo iLesley Manyathela Golden Boot Award noPercy Tau weMamodi Sundowns emuva kokuthi bobabili besonge isizini bebambene ngamagoli awu-11 emunye.
“Angijabule ngendlela esidlale ngayo ngoba uma ubheka sidlale ngokulingana imidlalo ewu-15. Lokho akukuhle. Silungiselela ukudlala kahle ngesizini ezayo. Lokhu akukho mayelana nendawo esiqede kuyona kodwa yindlela esidlala ngayo. Akufanele sidlalele indawo, kufanele sidlalele amaphuzu esiwaqoqayo emidlalweni yethu. Sifuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo.”
“Sizosiqinisa isikwati. Ngaphambi kokuthi kushaye uLwesihlanu, ithimba labaqeqeshi lizoletha umbiko wokuphela konyaka. Kusukela lapho sizohlela indlela esizosebenza ngayo ngesizini ezayo.”