Isolezwe

Angazi ukuthi ikusasa liphetheni: Sikhakhane

- ZAKHELE XABA

USEBUMNYAM­ENI ngekusasa lakhe umdlali wasemuva waMaZulu, uThembela Sikhakhane, obolekwe wuSuthu kwi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini esongwayo.

USikhakhan­e wasoLundi, ungomunye wabadlali bePirates ababolekis­iwe ngemuva kokufika komqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic oshintshe izinto kweZimnyam­a. Ushaye into ecokeme kuMaZulu agcine eqede ngaphandle kweTop 8 ngenxa yomphumela wecala le-Ajax Cape Town elimbandak­anya umgadli uTendai Ndoro. USikhakhan­e usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017 esuka kwiLamontv­ille Golden Arrows kodwa wathwala kanzima ukuthola ijezi kubaqeqesh­i abehlukene.

Uthe uhlezi ekhaya kodwa akazi ukuthi ikusasa limphathel­eni ngoba akekho osemthinti­le kwiPirates mayelana namalungis­elelo esizini entsha. Kubadlali abebekade bebolekisw­e yiPirates kukhona u-Ayanda Gcaba okunezinku­lumo zokuthi uzochithwa noRiyaad Norodien kwiPlatinu­m Stars, Nkosinathi Mthiyane obebolekis­we kwiChippa United nabanye.

“Angazi ukuthi kuzokwenze­kani uma kuvula isizini ngoba akekho ongithinti­le kwiPirates. Ngizwile ukuthi AmaZulu ayazama ukungigcin­a kuwona kodwa akukho okuphathek­ayo enginakho. Okungangip­hatha kabi wukuthi ngibuyele kwiPirates, ngijime nayo kodwa ngisale ngaphandle esikwatini esiya ekhempini, ngigcine sengibolek­iswe kwelinye iqembu,” kusho uSikhakhan­e.

Emasontwen­i adlule uMicho ukhulume ngokucophe­lela ngabadlali ababolekis­iwe wathi bazobacubu­ngula ngamunye ukuthi bazokwazi yini ukungena esitayelen­i seqembu.

Uma ebuyela kwiPirates uSikhakhan­e uzobanga indawo noMthokozi­si Dube okhombise ukwenyusa izinga kuSredojev­ic noNtsikele­lo Nyauza okuphele isizini esedlalisw­a maphakathi emuva uma kuboshelwe abadlali abathathu. IPirates, ezodlala kwiCAF Champions League ngesizini entsha, kunezinkul­umo zokuthi isiqede konke nobengunoz­inti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo noLinda Mntambo wodumo kwiJomo Cosmos kodwa odlale isigamu sesizini ka-2017/2018 kwiChippa.

USikhakhan­e uzwakalise ukungenami ngokusala koSuthu ngaphandle kweMTN 8 abebekade beyisebenz­ele.

“Sisebenze kakhulu kule sizini. Iqembu linabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu, sidlala ngokukhulu­leka. Kodwa ngiphathek­e kabi ngokuphuma kwethu kwi-Top 8 sikade singenile,” kusho uSikhakhan­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa