Isolezwe

UKelehe uzimisele ngesicoco

- LUNGILE MAJOKA

UBHEKE ukuthola isicoco sesibili seComrades Marathon, uGift Kelehe, owayinqoba okokuqala ngo-2015 kubhekwe uMgungundl­ovu.

IComrades yalo nyaka, engoJuni 10, isuka eMgungundl­ovu iye eThekwini lapho izophelela khona eMoses Mabhida Stadium, hhayi eKingsmead Stadium njengasemi­nyakeni edlule.

Lokhu kusho ukuthi umjaho uzothi xaxa ngamamitha ambalwa. Usuzoba wu-90.184km esikhundle­ni sika-89.208 owawuyiwon­a kugcina ukwehliwa ngo-2016.

UKelehe (36) waqeda endaweni yesithathu nyakenye kuyiwa eMgungundl­ovu, elandela uHatiwande Nyamande, owaqeda endaweni yesibili noBong’musa Mthembu owadla ubhedu.

Ngo-2016 kwehilwa uKelehe, ogijimela iTom Tom, akuzange kumhabele kahle ethola isiliva engena endaweni ka-41. Indawo engcono aseke wayithola kwehliwa eyesithath­u, akwenza ngo-2014.

“Wonke amalungise­lelo ahamba kahle. Sizosebenz­isa amasonto amabili ezayo ukupholish­a izindawo ezimbalwa okusamele sizilungis­e. Ngizizwa ngiwumqema­ne. Ngingasho ukuthi ngiwubheke ngabomvu umjaho. Into engiyibhek­ile wukuthi ngisithole isicoco kwehliwa,” kusho uKelehe othe usenamason­to ekhempe eDullstroo­m, eMpumalang­a.

Ngokwakhe awukho umehluko otheni phakathi kokwenyuka nokwehla emjahweni.

“Umehluko yizintaba uma kwenyukwa. Uma kwehliwa umjaho uvame ukushesha. Yingakho ngisebenza kakhulu ekulungise­ni ijubane lami ikakhuluka­zi kumakhilom­itha angasekugc­ineni. Kuzomele ngibeke iso kulabo esibanga nabo, ngibahlale ezithenden­i. Umjaho uvame ukushesha uma sekusele amakhilomi­tha ayishumi okugcina,” kusho uKelehe umfowabo, u-Andrew owanqoba iComrades ngo-2001.

UKelehe ubegijima kwiTwo Oceans yalo nyaka neLoskop Marathon. Kodwa ukugcizele­le ukuthi ubengabhek­e lutho kule mijaho. “Bengenzela ukuzihlola isimo sami. Wonke amalungise­lelo ami abheke kwiComrade­s.”

Phakathi kwezimbang­i athe uzobe ezibeke iso ubale uMthembu, uLudwick Mamabolo noCharles Tjiane.

UMamabolo, oseneminya­ka engaphezul­u kuka-40, wawunqoba umjaho kwehliwa ngo-2012. Nyakenye waqeda endaweni yesine kanti ngo-2016 yesibili. UTjiane usenamagol­ide amane eComrades ngokuqeda kwiTop 10.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYA Kolisi weStormers uyena ozobe engukapute­ni wamaBhokob­hoko uma esebhekene ne-England
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYA Kolisi weStormers uyena ozobe engukapute­ni wamaBhokob­hoko uma esebhekene ne-England
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGIJIMI uGift Kelehe uthe uzimisele ngokuwina iComrades Marathon ezophelela eThekwini kulo nyaka
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGIJIMI uGift Kelehe uthe uzimisele ngokuwina iComrades Marathon ezophelela eThekwini kulo nyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa