Isolezwe

Akazisoli ngokubuyel­a kwiChippa

- LUNGILE MAJOKA

AKAYIBONI nencane inkinga uDan “Dance” Malesela ekubuyelen­i ukuyodanse­la isiginci sikasihlal­o weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi.

I-United iveze ekhasini layo le-Twitter ngeSonto ntambama ukuthi isibuyise uMalesela njengomqeq­eshi wayo wangesizin­i ezayo ngemuva kokuhlukan­a maphakathi nesizini edlule.

Ikwenze lokhu kusaphele cishe amasonto amabili kulona ikhasi layo kumenyezel­we ukuthi uVladislav Heric uzoqhubeka nokuqhoqho­bala izintambo ngesizini ezayo ngemuva kokuthi ebeke iqembu endaweni yeshumi kwi-Absa Premiershi­p.

UHeric okuthiwe usezohola isikhungo sokuthuthu­kiswa kwabadlali, wayethathe izintambo kuTebogo Moloi ngasekuphe­leni kwesizini owayesephi­kwa yimiphumel­a. UMoloi yena wathatha ngemuva kokuthi kukhonjwe indlela uMalesela ngoSepthem­ba ngemuva kokwehlulw­a emidlalwen­i kwemithath­u.

Akuqali ukuthi uMalesela ahambe abuye kwiChilli Boys njengoba phambilini eke “wanikwa ilivi eyisipeshe­li” wabuyiswa futhi.

“Kuyiqiniso (ukuthi ubuyela kwiChippa) sikhulumil­e nosihlalo sabonisana ngezizathu ezenza ngahamba kwasekuqal­eni. Akuzange kuthathe ngisho isikhathi eside. Sabona ukuthi akukuningi esingavume­lani ngakho,” kusho uMalesela.

Uthe ngokwengxo­xo ababe nayo bavumelene ngamaszini amathathu. Ubesazoba nomhlangan­o noMpengesi kubhungwe kabanzi kanjalo nangemiban­dela azobekelwa yona njengomqeq­eshi.

“Akukho mibandela. Kodwa ngokwami ngisuke laphaya ngingakath­athi nendebe eyodwa. Angisho ukuthi ngizothath­a izindebe kodwa ngingumunt­u othandayo ukuphumele­la. Ngiyabona ukuthi kukhona into eshodayo kulokhu engikuzuze neqembu, ukuqeda kwiTop 8, ukulifaka kowandulel­a owamanqamu okokuqala. Ngifuna ukubuyisa uhlobo lwebhola leChippa elithandwa ngabantu,” kusho uMalesela.

Uthe usesebenze kakhulu noMpengesi uyayiqonda kahle indlela ayiyona.

“Yimina umqeqeshi ohlale amasizini amaningi laphaya kunabanye, amabili. Ngimazi kahle. Ngiyamazi ukuthi uyindoda ethanda ukuphumele­la. Kodwa iChippa ayilona iqembu elikhulu elikwazi ukukhipha imali lithenge noma yimuphi umdlali elimfunayo. Esizozibek­ela khona kuzoncika ohlotsheni lwabadlali esizoqala isizini sinabo.”

Uthe akuqali ngeChippa ukuthi kuphekwe kuthululwa kubaqeqesh­i.

“Angazi ukuthi kungani abantu benaka iChippa. Amaqembu amaningi emhlabeni wonke ayabashint­sha abaqeqeshi uma bengenzi kahle.”

UMpengesi uthintwe wathi akakhulumi nabezindab­a.

 ??  ?? DAN MALESELA
DAN MALESELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa