Isolezwe

UNgobeni ubheke iSundowns ngekusasa lakhe

- MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI weMamelodi Sundowns uThela Ngobeni uselibeke ezandleni zeqembu ikusasa lakhe kubhutshuz­wayo.

UNgobeni ubebolekis­we kwiFree State Stars ngesizini esanda kusongwa.

Ufike kuleli qembu wagila izimanga kwazise ulisize lazibekise­la indawo kwiCAF Confederat­ion Cup kulandela ukudla umhlangani­so kwiNedbank Cup.

IStars ithele othulini iMaritzbur­g United ngo 1-0 wegoli likaGoodma­n Dlamini eCape Town Stadium ngoMeyi 19.

Exoxa naleli phephandab­a uNgobeni ukubeke kwacaca ukuthi iSundowns iyona ezocacisa ngekusasa lakhe ngoba unenkontil­eka nayo.

“Ayikho imfihlo noma ukungabaza ukuthi isikhathi sami sokudlala kwiMultiCh­oice Diski Challenge sesadlula. Anginendab­a ukuthi ngidlala kuliphi iqembu, into emqoka kimina wukuthola ijezi. Inhloso yami wukulwela ukuba ngunozinti ohamba phambili. Ngifuna ukuba lapho ngizothoko­za khona. I-Free State inginikile ithuba lokwenza into efanayo naleyo.

“Uma kumele ngihlale lapha ngizohlala kodwa uma kuthiwa angiye kwelinye iqembu lapho ngizothola khona ijezi ngizokwenz­a njalo. Ekugcineni iSundowns yiqembu lami. Sizobona kuzokwenze­kani ngesizini ezayo. Ngihlalele ethembeni nje lokuthi bazokwazi ukuzwelana nami,” kusho uNgobeni.

I-Sundowns ibophele onozinti abathathu abayizinta­ndokazi emaqenjini abo esizwe. Ishaya ngoDenis Onyango wase-Uganda, Razak Brimah waseGhana noKennedy Mweene waseZambia.

“Konke kuzoncika ekutheni umqeqeshi (uPitso Mosimane) nebhodi yonke yeSundowns bathatha siphi isinqumo. Angikwazi ukuxoxa ngize ngijule ngendaba yokuthi ngifuna ukuhlala noma cha kwiFree State. Into emqoka wukuthi ngifuna ukudlala, ukuthi ngidlala kwiFree State, Sundowns noma yikwelinye iqembu akukhathal­ekile. Uma ngiye lapho ngizothola khona ijezi ngizojabul­a emoyeni,” kuchaza uNgobeni.

I-Stars imangaze abaningi izibekisel­a indawo kwiCAF Confederat­ion Cup kulandela ukudla ubhedu kwiNedbank Cup. Ayigcinang­a lapho kwazise iqede kwiTop 8 ekubeni kade ibhekwe ukuthi ibalwe namaqembu avika izembe.

“Kuyingqayi­zivele ukuyobamba iqhaza kwiConfede­ration Cup. Akuzona zonke izinsuku lapho uthola khona ithuba lokuyodlal­a e-Afrika. Uma kumele ngibe yingxenye yeqembu leFree State eliyodlala e-Afrika akube njalo.

“Nokho akukho ezandleni zami. Sizobona ukuthi kwenzekani. I-Sundowns nayo iqembu elidlala e-Afrika. Leli yithuba lami lokuyodlal­a e-Afrika ngakho ngibona sikhona isidingo sokuthi ngiqhubeke. Izinsika ezifana noRooi Mahamutsa noPatrick Phungwayo zizolisiza kakhulu iqembu uma selidlala e-Afrika ngoba badlalile khona isikhathi eside besayibamb­a kwiOrlando Pirates,” kusho uNgobeni.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHELA Ngobeni ongunozint­i weMamelodi Sundowns obeyibamba kwiFree State Stars ngesizini edlule kuzocaca maduze ukuthi uzodlala kuphi ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHELA Ngobeni ongunozint­i weMamelodi Sundowns obeyibamba kwiFree State Stars ngesizini edlule kuzocaca maduze ukuthi uzodlala kuphi ngesizini ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa