Uyocijwa phesheya oweTeam of Choice
UYOFUNDA phesheya kwezilwandle umqeqeshi weMaritzburg United uFadlu Davids.
Lo mqeqeshi wenze ezibukwayo ngesizini yakhe yokuqala njengomqeqeshi ozimele. Unikwe izinto ngokugcwele ekuqaleni kwesizini esanda kusongwa.
Ngo-2016/2017 ubambe izintambo kwaze kwaphela isizini kulandela ukuhamba kukaRoger de Sa.
Usihlalo weMaritzburg United uFarook Kadodia uthuse abaningi eqasha uDavids njengomqeqeshi weqembu ekubeni engenaso isipiliyoni.
Unikwe inkontileka yeminyaka emibili. Iqembu lisanda kuyelula ngeminye iminyaka emibili.
UKadodia nguyena oqinisekise izindaba zokuthi uDavids uyofunda phesheya kwezilwandle.
“Ngesikhathi ngiqasha uFadlu kwaba nemibuzo. Nokho ngangazi ukuthi uFadlu unothando lokwenza umsebenzi wakhe. Uzikhokhele yena ukuyokwenza izifundo ze-Uefa A License. Uthathe isikhathi sakhe sokuphumula nomndeni wakhe waya kofunda phesheya kwezilwandle. UFadlu umfana weMuslim ngakho uhambe esebhandeni lezinsuku ezintathu njengoba kuyisikhathi seRamadaan. Uzokwenza izifundo zakhe ngemuva kwalokho bese eyabuya,” kusho uKadodia. UDavids ukhona ohlwini lwabaqeqeshi okuzoqokwa kubona umqeqeshi ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) namuhla ebusuku. Uzobanga lo mklomelo noPitso” Jingles “Mosimane weMamelodi Sundowns noMilutin Sredojevic we-Orlando Pirates. Ngesizini yakhe yokuqala uDavids ubeke iTeam of Choice endaweni yesine kwi-log okuyinto ebiqala ukuyizuza. Uphinde wafaka leli qembu kowamanqamu weNedbank Cup lapho lithelwe khona othulini yiFree State Stars ngo 1-0.
KwiMTN 8 ufinyelele kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano ohamba nesheke lika-R8 million.
UDavids kuvela ukuthi ukhona ohlwini lwabaqeqeshi abafunwa yiSuperSport United. Lokhu kuthiwa yikona okwenze iTeam of Choice yamnika enye inkontileka yeminyaka emibili.
ISuperSport ithungatha umqeqeshi omusha. Omunye umqeqeshi emfunayo nguLuc Eymael weFree State Stars.
UDavids uzovula neCape Town City ngesizini ezayo uma sekuqala iMTN 8. Iqembu eliqede endaweni yesine lizodlala neliqede endaweni yesihlanu.
I-United izodlalela ekhaya eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.