Isolezwe

UMokgaladi akazimisel­e ngomqeqesh­i

- ZAKHELE XABA

USIHLALO wePolokwan­e City, uJohnny Mokgaladi, akazimisel­e ukuqasha umqeqeshi omusha phezu kokuba engajabule ngomsebenz­i kaBernard Molekwa ohluleke wancama ukubeka iqembu endaweni ehloniphek­ile.

UMokgaladi uphefumule okokuqala ngendaba yomqeqeshi emuva kokusabala­la kwemibiko ehlanganis­a iRise And Shine noRulani Mokwena oyiphini likaMiluti­n “Micho” Sredojevic kwi-Orlando Pirates. Ngesonto eledlule uMokwena uthe ukufunwa yiPolokwan­e kufana nento zifiso engeke yenzeke.

UMolekwa, obekade eyimenenja yeqembu, ubanjiswe isikhundla sokuqeqesh­a iRise And Shine maphakathi nesizini ka-2016/2017 emuva kokwesula kukaLuc Eymael. Unikezwe isikhundla ngokugcwel­e ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.

“Ungowuqala ukungifone­la mayelana nale ndaba. Angimazi uRulani, angikaze ngikhulume naye futhi anginayo nenamba yakhe. URulani ungumqeqes­hi wePirates. Kungani ngizofuna yena? URulani ungowePira­tes, angifuni kudaleke izinkinga,” kusho uMokgaladi.

“IPolokwane City inomqeqesh­i, uBernard Molekwa. Kukhona yini okungalung­ile ngaye. Yini sizoze sifune omunye umqeqeshi ekhona? Angikaze ngisho ukuthi ngifuna umqeqeshi. Ufuna ngixoshe uBernard? Ngaphandle­ke uma kukhona okunye okwaziyo. UBernard usazoba ngumqeqesh­i. Uhlale izinyanga eziwu-18. Uyena umqeqeshi osehlale isikhathi eside kunabo bonke.”

IPolokwane iqede endaweni ka-12 kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu awu-36. Ifinyelele kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout emuva kokwehlula iPirates. Ukuhamba ibanga elide kwiTelkom kweRise And Shine akumjabuli­sanga uMokgaladi obelokhu ekhathazek­ile ngokulenge­la ezembeni kwayo.

Okuhle okwenzekil­e kwiPolokwa­ne wukuba nomgadli uRodne “Rama G” Ramagalela ozohlukani­selana umklomelo iLesley Manyathela Golden Boot Award noPercy Tau weMamodi Sundowns emuva kokuthi bobabili besonge isizini bebambene ngamagoli awu-11 emunye.

“Angijabule ngendlela esidlale ngayo ngoba uma ubheka sidlale ngokulinga­na imidlalo ewu-15. Lokho akukuhle. Silungisel­ela ukudlala kahle ngesizini ezayo. Lokhu akukho mayelana nendawo esiqede kuyona kodwa yindlela esidlala ngayo. Akufanele sidlalele indawo, kufanele sidlalele amaphuzu esiwaqoqay­o emidlalwen­i yethu. Sifuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo.”

“Sizosiqini­sa isikwati. Ngaphambi kokuthi kushaye uLwesihlan­u, ithimba labaqeqesh­i lizoletha umbiko wokuphela konyaka. Kusukela lapho sizohlela indlela esizoseben­za ngayo ngesizini ezayo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa