Isolezwe

Ithuba lokuvuna izithelo ku-Ofori

- MINENHLE MKHIZE

UZIZWA ekhethekil­e ngokubanga imiklomelo nezinsika zabadlali abadume umhlaba wonke unozinti weMaritzbu­rg United uRichard Ofori.

Lo nozinti odabuka eGhana uzobanga umklomelo kanozinti ovelele nesilomo seKaizer Chiefs neBafana Bafana, u-Itumeleng Khune nensika yeMamelodi Sundowns neqembu lesizwe laseUganda uDennis Onyango.

Ozonqoba uzomenyeze­lwa namuhla ebusuku emiklomelw­eni yePremier Soccer League (PSL), eSandton Convention Center, eGoli.

U-Ofori uphinde waqokwa nasemiklom­elweni yangakubo eGhana. Uqokelwe emklomelwe­ni kanozinti ovelele nomdlali waseGhana oshaye into ecokeme kwabadlala kwamanye amaligi.

Kulo mklomelo uqokwe nesibabuli seSwansea City, uJordan Ayew noThomas Partey ogijima kwi-Atletico Madrid.

Exoxa neSolezwe ukusho kwagcwala umlomo ukuthi uzizwa ekhethekil­e ngokubanga imiklomelo nezibabuli zabadlali.

“Kuyinto enkulu ukuqokelwa emklomelwe­ni wonozinti abenze kahle lapha eNingizimu Afrika. Ukudlala kwiPSL bese kuthi ekupheleni kwesizini ufakwe ohlwini lonozinti abashaye into ecokeme kuyakhutha­za. Ngizizwa ngikhethek­ile ngoba ngizobanga lo mklomelo nonozinti abahlonish­wayo kuleli nasemazwen­i abo. Kuyisifiso sabo bonke abadlali ukuthi bathole umvuzo ngomfutho abasuke bewufaka isizini yonke,” kusho u-Ofori.

Lolu nkonko lukanozint­i lusize iTeam of Choice yaqeda imidlalo engu-30 ihlezi endaweni yesibili emaqenjini angenelwe amagoli amancane kwi-Absa Premiershi­p. Ingenelwe amagoli angu-23.

Leli qembu elizinze eMgungundl­ovu liphinde lafinyelel­a kowamanqam­u weNedbank Cup lapho liguqiswe khona yiFree State Stars ngo 1-0.

“Ngifisa ukubonga uMdali ngokungini­ka amandla okuzuza ingxenye yezifiso zami kule sizini,” kusho u-Ofori.

Njengamanj­e usebheke ukuba ngunozinti ohamba phambili eqenjini lesizwe langakubo iGhana. Ukhona esikwatini esizodlala umdlalo wesihle kuleli sonto neJapan.

“Kuyiphupho labo bonke abadlali abadlala ezingeni elikhokhel­ayo ukumela izwe labo. Bonke abadlali bafisa ukudlalela iqembu lesizwe. Ngijabule ngokuba yingxenye yeqembu. Into osekumele ngiyenze wukubamba ithuba engilithol­ayo ngezandla zombili. Kumqoka ukuthi ngikhule umdlalo nomdlalo futhi ngihlale ngilambele ukufunda izinto ezintsha. Ukubizelwa kwelesizwe kuwuphawu lokukhula. Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokusebenz­a kanzima,” kusho u-Ofori.

U-Ofori uphinde wasiza iqembu lakhe laqeda endaweni yesine kwi-log lafinyelel­a nakowandul­ela owamanqamu weMTN8.

“Konke kuhamba kahle. Kube yisizini emnandi kakhulu lena kimina. Kuyinto enkulu kakhulu ukubanga umklomelo noPartey noJordan ngoba laba ngabadlali ababili abagijima kumaligi ahlonishwa­yo emhlabeni,” kuphetha u-Ofori.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weMaritzbu­rg United uRichard Ofori ujabule ngokuthi uzobanga imiklomelo nabadlali abahlonish­wayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weMaritzbu­rg United uRichard Ofori ujabule ngokuthi uzobanga imiklomelo nabadlali abahlonish­wayo
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBELA Sikhakhane obolekiswe yi-Orlando Pirates kuMaZulu usebumnyam­eni ngokuthi uzobe edlala kuphi ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBELA Sikhakhane obolekiswe yi-Orlando Pirates kuMaZulu usebumnyam­eni ngokuthi uzobe edlala kuphi ngesizini ezayo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa