Angazi ukuthi ikusasa liphetheni: Sikhakhane
USEBUMNYAMENI ngekusasa lakhe umdlali wasemuva waMaZulu, uThembela Sikhakhane, obolekwe wuSuthu kwi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini esongwayo.
USikhakhane wasoLundi, ungomunye wabadlali bePirates ababolekisiwe ngemuva kokufika komqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic oshintshe izinto kweZimnyama. Ushaye into ecokeme kuMaZulu agcine eqede ngaphandle kweTop 8 ngenxa yomphumela wecala le-Ajax Cape Town elimbandakanya umgadli uTendai Ndoro. USikhakhane usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017 esuka kwiLamontville Golden Arrows kodwa wathwala kanzima ukuthola ijezi kubaqeqeshi abehlukene.
Uthe uhlezi ekhaya kodwa akazi ukuthi ikusasa limphatheleni ngoba akekho osemthintile kwiPirates mayelana namalungiselelo esizini entsha. Kubadlali abebekade bebolekiswe yiPirates kukhona u-Ayanda Gcaba okunezinkulumo zokuthi uzochithwa noRiyaad Norodien kwiPlatinum Stars, Nkosinathi Mthiyane obebolekiswe kwiChippa United nabanye.
“Angazi ukuthi kuzokwenzekani uma kuvula isizini ngoba akekho ongithintile kwiPirates. Ngizwile ukuthi AmaZulu ayazama ukungigcina kuwona kodwa akukho okuphathekayo enginakho. Okungangiphatha kabi wukuthi ngibuyele kwiPirates, ngijime nayo kodwa ngisale ngaphandle esikwatini esiya ekhempini, ngigcine sengibolekiswe kwelinye iqembu,” kusho uSikhakhane.
Emasontweni adlule uMicho ukhulume ngokucophelela ngabadlali ababolekisiwe wathi bazobacubungula ngamunye ukuthi bazokwazi yini ukungena esitayeleni seqembu.
Uma ebuyela kwiPirates uSikhakhane uzobanga indawo noMthokozisi Dube okhombise ukwenyusa izinga kuSredojevic noNtsikelelo Nyauza okuphele isizini esedlaliswa maphakathi emuva uma kuboshelwe abadlali abathathu. IPirates, ezodlala kwiCAF Champions League ngesizini entsha, kunezinkulumo zokuthi isiqede konke nobengunozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo noLinda Mntambo wodumo kwiJomo Cosmos kodwa odlale isigamu sesizini ka-2017/2018 kwiChippa.
USikhakhane uzwakalise ukungenami ngokusala koSuthu ngaphandle kweMTN 8 abebekade beyisebenzele.
“Sisebenze kakhulu kule sizini. Iqembu linabadlali abasezingeni eliphezulu, sidlala ngokukhululeka. Kodwa ngiphatheke kabi ngokuphuma kwethu kwi-Top 8 sikade singenile,” kusho uSikhakhane.