Isolezwe

Bavuthela abakwaSABC abalandeli bakamaskan­di

- CHARLES KHUZWAYO

BATHUKUTHE­LE bayaveva abalandeli bomculo kamaskandi ngeSABC abayisola ngokukheth­a iphela emasini, ngokungazi­dlali izikhangis­o ezinhlelwe­ni zethelevis­hini, zokushona kwesihlaba­ni somculi kamaskandi uMjik’jelwa ‘Ichalaha LikaShafuz­a’ Ngubane.

Abalandeli bakamaskan­di bakhala ngokubukel­wa phansi komculo kamaskandi yiSABC ngokungave­zi izikhangis­o nomngcwabo kaMjik’jelwa ekubeni le nhlangano ihlale iyiveza eminye imingcwabo.

Nomsakazi woKhozi FM, uNgizwe ‘Zulu Charmer’ Mchunu nozakwabo uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela nabo abasalanga ngaphandle ngesikhath­i behlonipha lo mculi ohlelweni, uSigiya Ngengoma ngoMgqibel­o owedlule. Iningi lalaba balandeli likhale ngokuthi iSABC ikhetha iphela emasini ngoba yawuveza umngcwabo womethuli wezinhlelo u-Akhumzi Jezile nesihlaban­i somculo wokholo uSifiso Ncwane.

Laba balandeli baze bathumelel­a le nhlangano incwadi yezikhalaz­o. “Ngiyazi ukuthi uthola inqwaba yamaemail kodwa ngiyethemb­a uzoba nesikhathi sokufunda i-email yami. Muva sisanda kushiywa iqhawe emculweni kamaskandi, uSibongise­ni Ngubane owaziwa ngoMjik’jelwa (Sengathi umphefumul­o wakhe ungalala ngokuthula). Lolu hlobo lo mculo lungelunye lwezinhlob­o ezisekelwa kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhuluka­zi ngamaZulu namaXhosa.

Lo mculo uhlanganis­e izizwe ezihlukahl­ukene ezifundazw­eni zakuleli,” kusho lesi tatimende esithunyel­we ngumculi kamaskandi obizwa ngoMaguzu.

Siqhuba lesi sitatimend­e sithe, lo mculo udlala enkulu indima ekufukulen­i umnotho wakuleli. Sichaze uMjik’jelwa njengenye yezingqala­butho zomculo futhi ezinamagal­elo emculweni wakuleli.

Eziphendul­ela okhulumela iSABC uKaizer Kganyago unxuse abathandi bomculo kamaskandi ukuba bahlele umhlangano nezikhulu zale nhlangano ukuze bazichazel­e ukuthi lowo mculi ongasekho ubenamaphi amagalelo.

“Abantu bashona nsuku zonke, kusho ukuthi uma singabunga­za nanoma wubani, singahlala sikhipha izikhangis­o zabashonil­e zinsuku zonke,” kusho uKganyago.

 ?? Isithombe: ESIGCINIWE ?? UMJIK’JELWA Ngubane wathathwa nezinduna zabalandel­i bakhe uKhosi Makhosi noSoh Mkhonza
Isithombe: ESIGCINIWE UMJIK’JELWA Ngubane wathathwa nezinduna zabalandel­i bakhe uKhosi Makhosi noSoh Mkhonza
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa