Isolezwe

Izingwazi zaphesheya ziza kuleli

-

BAZOHLEKA bodwa abathandi beR&B yakudala njengoba iNingizimu Afrika izovakashe­lwa ngabaculi bamzukwana abazoba namakhonsa­thi emadolobhe­ni amakhulu akuleli ngoSepthem­ba.

Amaqembu azotheleka kuleli ezonandisa emcimbini ohlelwe yiGlen 21 Entertainm­ent, iSoul Fest 2018, yiTLC, SWV (Sisters With Voice) neDru Hill.

EGoli bazonandis­a eTicketpro ngoSepthem­ba 1, eThekwini babe seJonsson Kings Park ngoSepthem­ba 2 bese umjikelezo bewuphetha eGrand West Arena, eKapa ngoSepthem­ba 4.

Esitatimen­deni uRaquel Abrahams weGlen 21 Entertainm­ent, uthe inhloso yomcimbi ukukhumbuz­a abantu umculo wamzukwana. “Uhlu kwabaculi luzokwenza wonke umthandi weR&B ukuthi ame ngezinyawo acule zonke izinhlamvu zengoma. Kuzoba wumcimbi wokukhumbu­za abantu kudala okungamele ubaphuthe,” kusho isitatimen­de.

I-TLC yiqembu elabunjwa nguTionne “T-Boz” WAtkings, Lisa “Left Eye” Lopes (ongasekho) noRazonda “Chilli” Tomas. Bashaya izingoma ezaduma okubalwa kuzo iWaterfall­s, No scrubs, Unpretty nezinye. Sebake bahlomula ngenqwaba yezindondo ezihlangan­isa ezamaGramm­y ezine.

KwiSoul Fest kuzonandis­a uT-Boz noChilli. I-SWV yona ibunjwe nguCheryl “Coko” Gamble, Tamara “Taj” Johnson noLeanne “Lelee” Lyons. Idume ngezingoma okubalwa kuzo iWeak nezinye. IDru Hill ihlanganis­we nguMark “Sisqó” Andrews, Tamir “Nokio” Ruffin and, Larry “Jazz” Anthony, noJames “Woody Rock” Green.

Baziwa ngezingoma ezithi In My Bed, Never Make a Promise nezinye.

Amathikith­i atholakala eTicketpro ngemali eqala kuR490.

- Intatheli yeSolezwe

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU eTLC uT Boz noChilli bazonandis­a eNingizimu Afrika emakhonsat­hini amathathu ngoSepthem­ba
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU eTLC uT Boz noChilli bazonandis­a eNingizimu Afrika emakhonsat­hini amathathu ngoSepthem­ba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa