Kume umshado ngomazisi onephutha
KUDUMA ikhanda kowesifazane waseDududu osekuphele iminyaka emibili ehlehlisa umshado ngoba elinde ukuthi kulungiswe umazisi wakhe okhomba ukuthi usashona.
UNksz Pinky Cele uthe akasazi ukuthi kumele abaphendule athini abasemzini wakhe uma bembuza ukuthi umazisi uzolunga nini ngoba sekuphele isikhathi eside ebatshela izinto ezehlukene azitshelwa ngaboMnyango wezaseKhaya.
Uthe inkinga iqale ngesikhathi ethi uyovota ngo2016 watshelwa ukuthi ngeke avote ngoba umazisi wakhe ukhomba ukuthi washona ngo2009.
“Ngaphoxeka kodwa ngazitshela ukuthi kunephutha elikhona ngoba umazisi ngawuthola ngawo u-2009 sengiwushaye izikhawu eziningi ngingawutholi. Emahhovisi alo mnyango ngatshelwa ukuthi ngokwekhompyutha yakhona ngashona ngaphambi kokuthi umazisi ufinyelele kimi. Ngatshelwa ukuthi isitifiketi sokufa kwami senziwa eSiphingo. Bangigcwalisisa ifomu kwathiwa angilokhu ngibashayela ucingo ngizwe ukuthi uhlelo lokungivusa selukuphi,” kusho uNksz Cele.
Uthe walinda unyaka wonke elokhu eshaya ucingo kuthiwe akalinde uhlelo lusaqhubeka. Nyakenye utshelwe ukuthi akaye ehhovisi ngoba kukhona okumele akucacise.
“Ngithe uma ngifika kwathiwa ikhompyutha iveza ukuthi inombolo kamazisi wami ifana neyowesifazane owashona. Kwathiwa angigcwalise amanye amafomu ngilethe nezincwadi zasesikoleni engaqala kuso ukufunda eziwubufakazi bokuthi ngaqala nini ukufunda. Ngakwenza lokho. Lezo zincwadi kwathiwa zizocutshungulwa bese kuthathwa isinqumo sokuthi ngizonikezwa enye inombolo kamazisi yini. Uma ngibathinta manje kuthiwa angilinde. Impilo yami imile nezingane zami zinenkinga angazi ukuthi engiyithwele izoshayelwa ubani umazisi,” kusho yena.
UNksz Cele ubuye wathi kuthe eyobhalisela ukuthi ahlomule esikhwameni sabasebenzi abakhokhelwa uma besekhefini lokuyobeletha wachithwa umnyango wezabasebenzi kwathiwa washona.
“Abazange bafune nokuyizwa indaba yezincwadi ezikhombisa ukuthi umazisi wami uyalungiswa,” kusho yena.
Unina, uNkk Nonkululeko Cele, uthe abasemzini bamshayela ucingo njalo befuna ukwazi ukuthi umshado ungase ube nini.
“Sengibukeka njengomuntu olokhu eqhamuka nezinkinga kwabasemzini kanti nami ngibatshela izinto engitshelwa zona,” kusho yena.
Uthe abakhongi baqeda ukulobola ngo-2016 bacela usuku lomshado wabamisa wacela lunqunywe uma sekubuye umazisi. Uthe abasemzini bahlale bebuza ukuthi kulunga nini ukuze kuqhubeke izinhlelo zomshado.
Imenenja yamahhovisi oMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, uthe lolu daba belungakafinyeleli kuye wathembisa ukuluphenya ukuze achaze ukuthi uphenyo noma ucwaningo lukusiphi isigaba.