Isolezwe

Kuphenywa iphoyisa elidubule umlisa eSikhaleni

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAFUNA liboshwe iphoyisa abathi livulele ngenhlamvu labulala owesilisa emotweni yakhe, ngaphandle kwesizathu eSikhaleni ngempelaso­nto.

UMnuz Sabelo Nsele (37) (osesithomb­eni) udutshulwe amahlandla amabili ehamba ngemoto yakhe i-Golf 7, washonela khona lapho.

Ngokusho kukamfowab­o uMnuz Vusi Ntuli, bezwe ngemoto ikhalakath­ela sengathi iyaphaphal­aza.

Uthe baphumile beyobheka ukuthi kwenzekani nokuyilaph­o bezwe amaphoyisa ehilizisan­a nomufi kwabe sekuqhuma isibhamu kabili. “Umqasho esihlala kuwona useduze nomgwaqo, sithe uma sizwa umsindo wemoto ngaphandle saphuma. Amaphoyisa amabili aqonde kuyena, sezwa kunokuhili­zisana esingazi kuqalwe yini. Elilodwa iphoyisa libe selidubula,” kusho uNtuli. Uthe umfowabo ubephuma endaweni yokucima ukoma ehamba nowesifaza­ne. “Umfowethu ubezikhiph­ile kwazise bekuwusuku lwakhe lokuzalwa futhi eholile,” kusho uNtuli.

Omunye umthombo weSolezwe ocele ukungadalu­lwa uthe: “Sizwe elinye iphoyisa libuza ukuthi umshayelan­i ngoba ngathi uphuzile lo muntu. Kuthe kusenjalo esakhuzana wodwa amaphoyisa kwaqhuma isibhamu. Elinye iphoyisa beliqhubek­a likhuza lithi umdubulela­ni umuntu ngoba uziphuzele, ngcono simbophe,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisek­isile isehlo. Idokodo ngaleli cala selidlulis­elwe kwabeIndep­endent Police Investigat­ive Directorat­e, abaphenya ngokuzipha­tha kwamaphoyi­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa