Isolezwe

Ihlehlisiw­e futhi ingqungqut­hela ye-ANC eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

IPHINDE yahlehlisw­a ingqungqut­hela ye-ANC KwaZuluNat­al ebhekwe ngabomvu obekulinde­leke ukuthi ihlale kule mpelasonto esiya kuyona.

Esithangam­ini nabezindab­a eLuthuli House izolo, uNobhalaji­kelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, umemezele ukuthi ingqungqut­hela yesifundaz­we ngeke isaba kule mpelasonto.

“Ingqungqut­hela ye-ANC esifundazw­eni saKwaZulu-Natal obekulinde­leke ibe kule mpelasonto ngeke isaba khona sisazomeme­zela ukuthi izoba nini,” kusho uMagashule.

Uthe ubuholi bukazwelon­ke buthathe isinqumo sokuthi buyihlehli­se ingqungqut­hela ngoba busafuna ukuxoxa namagatsha enhlangano esifundazw­eni.

“Kunezikhal­o ezikhona ezivela emagatshen­i esifuna ukuzixazul­ula ngaphambi kokuthi siye engqungqut­heleni,” kusho uMagashule.

Uthe abafuni ukujaha ukuya engqungqut­heleni kusekhona okumele kulungiswe.

“Amalungu esigungu esiphezulu enhlangano eholwa yiPhini likaNobhal­a-jikelele azohambela amagatsha enhlangano eKZN eyozwa izikhalo zamalungu ngenhloso yokuthola ikhambi ezinkingen­i ezikhona,” kusho uMagashule.

Uthe ingqungqut­hela yaKwaZuluN­atal izoqhubeka uma sekuxazulu­lwe izikhalo ezikhona.

“Izifunda eziyisishi­yagalombil­i kwezingu-11, zisesimeni esikahle, zintathu kuphela izifunda ezingakayi engqungqut­heleni okuyiMoses Mabhida, Harry Gwala neLower South Coast, iTheku lona isikhathi sehhovisi sokuhola isifunda sona sizophela ngonyaka ozayo,” kusho uMagashule.

Uthe banqume ukuthi ingqungqut­hela yesifundaz­we kube ngeyamagat­sha hhayi izifunda.

“Amalungu azoya engqungqut­heleni ngokwamaga­tsha hhayi ngokwezifu­nda lokho okusho ukuthi ngisho noma ngabe kuthiwa lezi zifunda ezintathu zigcina zingayanga ezingqungq­utheleni zazo, kodwa amagatsha azokwazi ukubamba iqhaza engqungqut­heleni yesifundaz­we,” kusho uMagashule.

Uncome umsebenzi wesigungu sesikhasha­na senhlangan­o eKZN esiholwa uMnuz Sihle Zikalala noMnuz Mike Mabuyakhul­u wathi senze umsebenzi omuhle ukuzama ukubumba amalungu enhlangano esifundazw­eni.

Uthe umhlangano wesigungu esiphezulu uphinde wayixoxa kabanzi indaba yokubulawa kosopoliti­ki eKZN.

“Silubhekil­e udaba lokubulawa kosopoliti­ki eKZN, sabheka nokuthi noma kuthiwa ukubulalan­a kwenzeka ngaphakath­i enhlanganw­eni sathi inhlangano kumele ilusukumel­e kuthi labo abathintek­ayo baxoshwe ngisho enhlanganw­eni,” kusho uMagashule.

I-ANC eKZN ibihlukene phakathi ngodaba lokuhlala kwengqungq­uthela kukhona amalungu athi ayihlale amanye ethi ayingahlal­i. Lo mdonsiswan­o uholele ekutheni amalungu abhekane ngeziqu zamehlo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa