Isolezwe

Izifundo ezizosiza abafundi kumatric nonyaka

- MHLENGI SHANGASE

KULINDELEK­E ukuthi sikhule isibalo sabafundi abaphasa ngo-bachelor kwabazobha­la umatric nonyaka emuva kokufakwa kwezifundo ezintsha ezizobalek­elela kulokhu.

Ibachelor ivumela umfundi ukuthi angene enyuvesi, ngediploma ukwazi ukungena ema-University of Technology kuthi ihigher certificat­e imvumela ukuthi angene emakolishi amakhono.

UDkt Barney Mthembu, isikhulu esiphethe izivivinyo emnyangwen­i wezemfundo KwaZulu-Natal, nonyaka kwengezwe ezinye izifundo ezisosiza ukuthi abafundi baphase ngama-bachelor.

Uthe phambilini umfundi ubengaphas­a ngamalengi­so izifundo ezifana neMusic, Engineerin­g Graphic Design, Computer Applicatio­n Technology, Tourism nezinye kodwa zingamsizi ngokuthi athole ibachelor.

“Izifundo obukwazi ukuthi uthole ibachelor uma uziphase kahle ilezi ezijwayele­kile, iMaths, Sayensi, Maths Literacy, History, Economics, Accounting, izilimi, Business Studies, Geography neLife Sciences. Yingakho bezokwanda abafundi abazothola ama-bachelor ukuze bangene enyuvesi ngokohlelo olusha lwezifundo ebezingekh­o,” kusho uMthembu.

Kubafundi abawu-147 648 ababhala umatric ngo-2016 bawu36 139 abaphasa ngama-bachelor (24%). Nyakenye sanyuka isibalo sama-bachelor ngoba kubafundi abawu-127 317 ababhala umatric baba wu-35 687 abaphasa ngamabache­lor (28%).

Uthe nonyaka kunabafund­i abazobhala okokuqala iTechnical Maths neTechnica­l Science.

“Abafundi baqala ukuthatha lezi zifundo kwaGrade 10. Kulo nyaka bazobe bezibhala okokuqala ngoba kugqugquze­lwa ukuthi kube nalabo abenza izifundo zamakhono.”

Uthe inselelo enkulu wukuthi umnyango awunabo abaluleki balezi zifundo.

“Sinabo othisha abazifundi­sayo izifundo ezintsha. I-Technical Maths kayifani neMaths neMaths Literacy ejwayeleki­le. Ihluke kakhulu, yingakho umfundi engeke nje esakwazi ukuthi amane afune ukushintsh­a uma efunda umatrick acabange ukuthi angayenza engazange asikhethe kwaGrade 10.”

UMthembu uthe kunabafund­i abazobhala okokuqala nge-Sign Language kwamatric.

Uqhube wathi kwiHistory kufakwe nomlando waseChina nowaseCuba, into ebingafund­wa kuqala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa